Livele enkantolo ikhansela “elishaye” abeMK kubangwa izihlalo

143

SKHOSIPHI MTHEMBU 

LIVELE eNkantolo yeMantshi yaseNsuze ngoLwesine ladedelwa ngebheyili ikhansela laku-ward 2, eNdwedwe, elibhekene necala lokushaya nelokudicilela phansi isithunzi, kubangwa izihlalo zasehholo. Kubikwa ukuthi uMnu Nkosinathi Maphumulo ushaqwe ngamaphoyisa ngoLwesithathu emuva kokuvulelwa icala ngesigameko esenzeke ngeledlule. 

Ngokuthola kweLANGA Lempelasonto, uMaphumulo uvulele isibhaxu emalungwini oMkhonto weSizwe Party (MKP) abenohlelo lokuqeqesha ingxenye yamalungu aleli qembu o abezoqapha ukhetho njengoba bekuvotwa ngoLwesithathu. 

ILANGA Lempelasonto likhulume nowayekhona kwenzeka isigameko ocele ukuba ligodlwe igama lakhe, othe ikhansela lifike umhlangano usuqalile, lawu-phazamisa. “Kuthe usuqalile umhlangano, kwaqhamuka amadoda esingawazi, ehamba nekhansela lendawo, lafika lacela obehola umhlangano, laphumela naye ngaphandle. Ngokuhamba kwesikhathi, sizwe seku-xokozela emnyango, kuzwakala ukuthi kunengxabano phakathi kwabo. Siphumile sonke sifuna ukuzwa ukuthi kwezekani. Ikhansela libhoke ngolaka lifuna izihlalo, lathi ngezalo. Kusixakile lokho ngoba izihlalo ebesizisebenzisa ngezenkampani. Kodwa-ke ngoba besibalekela umsindo, sivumile ukuba lizithathe izihlalo ukuze siqhubeke nomhlangano. Kunozwakwethu obeqopha obekwenzeka, okuyikho okucasule kakhulu ikhansela, lamshaya maqede lamphuca umakhalekhukhwini wakhe,” kusho umthombo.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConst Thenjiswa Ngcobo, ukuqinisekisile ukuboshwa kowesilisa oneminyaka ewu-48 ngecala lokushaya, elokusabisa nelokudicilela phansi isithunzi. 

Uthe uvelile eNkantolo yeMantshi yaseNsuze ngoLwesine, waphuma ngebheyili, kulindeleke ukuba abuyele enkatolo maduze. 

skhom@ilanganews.co.za 

Previous articleAbeComrades Marathon baxwayiswe ngocansi
Next articleWethemba inkantolo ukuba imbuyisele ekuholeni iMK