Liyakhula isasasa lomcimbi i-All White

87

THANDI ZONDI

UKHUZA ibuya umcimbi i-Durban All White Concert ozobe wenzeka okwesibili ngemuva kwesasa kowangonyaka owedlule. UThandi Mavata ongumhleli walo mcimbi uthi amathikithi aseqalile ukudayisa ubuthaphuthaphu.


“Ngonyaka owedlule sibe nomcimbi oyimpumelelo futhi obumuhle. Saphinde songeza ngokwehlukile ngokuthi sifake ama-strippers ngenhloso yokujabulisa abebehambele umcimbi. Nakulo nyaka izinga lizobe liphezulu kwabazobe bekhona ngeke bazisole,” esho.
Lo mcimbi uzoba ngempelasonto yosuku lwezithandani (Valentine’s Day) eNkosi Albert Luthuli Convention Center (ICC) eThekwini.
“Umcimbi wokubungaza inyanga yothando. Wonke umuntu wamukelekile, uza nomthandayo kungakhathalekile ukuthi uphathina wakho noma wumngani. Ngisho namaciko azoba yingxenye yomcimbi acula ngalo uthando,” kuqhuba uThandi othi i-All White seyihanjelwa nangabantu bangaphandle kwesifundazwe saKwaZulu-Natal.


UThandi ubuye ahlele iDoek on Fleek ne-Easy Sundays Soul Sessions okuyimicimbi ethi kayicishe ifane. Uthi imicimbi yakhe igxila kubantu asebekhulile futhi abazaziyo ukuthi bafunani.
Kwabazobe benandisa kubalwa uSjava, uNathi Mankayi, uLwa Ndlunkulu, uCici, uKhuzani, uFezeka Dlamini, uDavid Mashabela, kanti uCeleste Ntuli uzobe ephethe uhlelo bese enandisa nangamahlaya. Amathikithi atholakala ezitolo zakwaShoprite/Checkers inani lisuka kuR250 kuya phezulu, amasango azovulwa ngo-4pm. Kugqokwa okumhlophe bese uthi thasi ngokusagolide.
tzondi@ilanganews.co.za

Previous articleUkuhlukunyezwa kwabesifazane kuseyinkinga enzima ezweni – Ramaphosa
Next articleOkamaskandi uzoyigubha ngengoma iminyaka ewu-30 esendimeni yomculo