Liyaqhubeka ishobolo leChiefs ngezindebe

151

UMweene ube yiqhawe leDowns inqoba koweMTN8

UTHEMBA Zwane weDowns ebanga ibhola noBernard Parker weChiefs eguqe ngo-2-1 wamaphenathi izolo kwiMTN8. 

SENZO SOKHELA

INHLANSI yethemba kwiMa-melodi Sundowns ngesicoco seMTN8 njengoba ingakaze isinqobe.

IDowns iguqise iKaizer Chiefs ngo-2-1 wamaphenathi  kwi-quarter final yeMTN8 izolo ngeSonto ntambama eLucas Moripe Sta-dium, e-Atteridgeville.

Umdlalo ubuphele zibambene ngo-2-2 emuva kokuba iChiefs ikhave ihlulwa ngo-2-0.

Amagoli eDowns ashaywe nguPeter Shalulile ngomzuzu ka-10 noThemba Zwane ngoka-23. Awe-Chiefs wona ashaywe nguBernard Parker ngoka-38 noKhama Billiat ngoka-59.

IDowns izibeke ethubeni loku-qeda ishobolo kulo mqhudelwano njengoba isiyinqobe yonke ekhona ngaphandle kwalona.

UPitso Mosimane obengumqe-qeshi uze wahamba engazange awunqobe lo mqhudelwano.

UKennedy Mweene ovimbela iDowns ube yiqhawe njengoba evimbe amaphenathi amane abadlali beChiefs.

Umdlalo uqale ngegiya eliphezulu kodwa iDowns kuyiyona ebu-keka icindezela njengoba ibinge-nisa ngamandla ebhokisini le-Chiefs.

Abadlali beDowns bakuleli be-kungathi bafuna ukuziveza ku-mqeqeshi weqembu lesizwe la-kuleli iBafana Bafana uHugo Broos njengoba bebedlala ngo-kuzinikela.

IDowns isheshe yacacisa ukuthi ifuna ukuliqeda ishobolo lokunga-wunqobi lo mqhudelwano njengoba ngomzuzu ka-10 uShalulile engqofele enethini ibhola ebeligotshwe nguLyle Lakay opho-ndweni lwesokunxele.

IChiefs izamile ukuvuka kodwa bekubonakala ukuthi kunesandla esisha somqeqeshi uStuart Baxter kanye nabadlali abasha.

IDowns iminyakazo yayo emini-ngi ibikuqinisekisa ukuthi iqhamuka enkabeni yesisu iyivale tha-nqa iChiefs.

Ngalowo mzuzu iChiefs yona ibizama ukubhodloza ezinhlango-thini ngoKgaogelo Sekgota obeji-kijela amabhola ayingozi ebhoki-sini kodwa angafici muntu.

Ngomzuzu ka-22 iDowns iphi-nde yabuya uZwane ethumela umshoshaphansi wembumbulu awuzwe ngendaba u-Itumeleng Khune.

Ukuphuthuma kweDowns iChiefs ngalolu hlobo kuyiphenye izinqe ukuthi udonga lwayo lwa-semuva luyaxega njengoba u-Eri-ck Mathoho noDaniel Cardoso be-kungathi bayaqala ukudlala ndawonye ekubeni sebeneminyaka.

IDowns igcine isikhahlela iku-de njengoba bese ibona ukuthi uKhune uphelelwe wukuzethe-mba ngendlela iDowns ebizigele-zela ngayo esiswini.

Ngomzuzu ka-33 uLakay uke wathumela eyakhe inguzunga ye-shodi engaphandle kwebhokisi yashaya ipali.

UParker uzamile ukubuyisa iChiefs emdlalweni njengoba ngomzuzu ka-38 engqofele enethini ibhola elihle ebeligotshwe nguNjabulo Blom. Kuyiwe ekhefini zithengana kodwa iDowns kuyiyona ehamba phambili ngo-2-1.

UBaxter ukhiphe uSe-kgota wafaka uKeagan Dolly ngomzuzu ka-55, ongene wakhipha uBilliat uqekelele, ongalenzanga iphutha walibeka enethini.

Kuyiwe esikhathini esengeziwe (extra time) li-ngekho elifuna ukugoba uphondo, umdlalo waphela ngamaphenathi, kwadlula iDowns. 

Previous articleKusolwa ukutapa kwenyuka ukhuvethe
Next articleKubhekwe lukhulu kuGodongwana