Liyaqotha izembe emakhehleni eDowns

480

AmaSandawana acathamela isilomo se-Arrows

SENZO SOKHELA

UTIYANI Mabunda weDowns. ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

ZIBALIWE izinsuku kumdlali weMamelodi Sundowns osekuneminyaka edlala kule kilabhu njengoba kuvela ukuthi ithimba labaqeqeshi selinqumile ngekusasa lakhe.

UTiyani “Sugar” Mabunda (32) ujoyine iDowns ngo-2013 esuka kwiBlack Leopards. Selokhu afika kule kilabhu useyisize yanqoba izicoco eziningi ezimqoka zeligi neseCaf Champions League. 

Nokho kula masizini amabili edlule udonse kanzima ukuthola isikimu kangangoba usephenduke ifenisha.

ILANGA lihoshe ngemithombo yalo ukuthi ithimba labaqeqeshi bale kilabhu eliholwa nguManqoba “TV” Mngqithi, selinqumile ukuthi lizomdedela lo mdlali uma kuvulwa iwindi lokudayiselana ngabadlali. Livulwa mhla ka-18 kwephezulu.

Umthombo waleli phephandaba uthe: “UMngqithi nethimba lakhe bayakha kabusha kancane kancane le kilabhu. Yingakho sebeqalile bededela laba badlali asebekhulile. Abadlali abanje-ngoWayne Arendse no-Anthony Laffor badedeliwe ukuze kuvuleke izikhala zabadlali abasebancane.

“UMabunda usendleleni njengoba uMothobi Mvala esengena nje egiyeni, babona kungcono bamudedele aye lapho ezodlala khona. 

“Ngaphandle kwalokho leli thimba lifuna ukulanda uNeverdie Makhubela weLamontville Golden Arrows, limbona ezongena khaxa esitayeleni sale kilabhu.”

Imizamo yokuthola u-Alex Shakoane okuthiwa nguyena ovumeleke ukukhuluma izindaba zokusayiniswa kwabadlali kule kilabhu iphunzile njengoba ucingo lwakhe belukhala kodwa lungabanjwa.

Previous articleUsefisa ukuyolwela ukunqoba iGrammy umculi kamaskandi
Next articleIhostela limonite icebo lokuqala ibhizinisi lezinhloko