Lizibonaliyisahlulekiiphoyisa elabulawelwa umndeni

507

Wasolwa ngokufa komkakhe, kanti ababulali ngomakhelwane

SKHOSIPHI MTHEMBU

“KANGIBONI ukuthi ngisazokwazi ukubuyela emsebenzini (wobuphoyisa) njengoba ngehluleka nje wukuvikela umndeni wami.” Lawa ngamazwi kaMnu Senzo Simamane (osesithombeni) awatshele ILANGA LangeSonto ngemuva kokulahlwa yicala kwababulali bomkakhe nendodakazi yakhe. Uthi kuzokuba nzima ukubhekana nomphakathi njengoba eyiphoyisa ngoba uzozibuza ukuthi uzowuvikela kanjani ekubeni ahlulwa wukuvikela umndeni wakhe. Usho lokhu ngemuva kokuba iNkantolo eNkulu yaseThekwini ilahle uSlindile Zamisa nendodakazi yakhe u-Andile, ngamacala okubulala inkosikazi yakhe (uMnu Simamane), uSmangele nendodakazi okungeyona eyesende likaMnu Simamane, uSbongakonke Mthembu.


UMnu Simamane uthe ukubulawa komndeni wakhe kumlimaze kakhulu emphefumulweni njengoba namanje izithombe zabo besemakhazeni, belimele kanzima, umkakhe eshiswe ngamanzi abilayo, zisabuya emqondweni wakhe. Uthi lokhu sekumphoqile ukuba ame emsebenzini njengoba namanje eselashwa kulandela ukuthikamezeka kwakhe emoyeni selokhu kwenzeka lesi sigameko. Uthi akaboni ukuthi usazokwazi
ukubuyela emsebenzini yize ubesenamaphupho okukhula embuthweni. “Ngesikhathi kubulawa umkami nendodakazi, abantu babesola mina ukuthi ngiyathinteka kulokhu. “Abanye bangibhala ezinkundleni zokuxhumana, bengisola ngalokhu. Kungihlukumeze kakhulu lokho ngoba ngisho emndenini kube noqhekeko njengoba ekhweni lami singabonanga ngaso linye nangesikhathi sekufihlwa umkami.

“Umbuzo enginawo ngowokuthi, uma ngibuyela emsebenzini, abantu bazongibuka bazibuze ukuthi bangangethemba kanjani ukubavikela ekubeni ngehluleka ukuvikela umndeni wami? Ngibhekene nobunzima,” kusho uMnu Simamane. Uthi lokhu kakugcinanga nje ngokuhlukumeza yena, kodwa nendodakazi yakhe nomufi eyayineminyaka emibili nje vo ngesikhathi ebulawa, namanje isambuza ukuthi ukuphi unina. Uthi kokunye ibuya ikhalele uninakhulu, imtshele ukuthi ezinye izingane bezikhuluma ngonina bazo esikoleni, zambuza owayo. “Njalo siyaye simkhohlise ngokuthi umama ozala mina nguyena umawakhe, kodwa kuyacaca nje ukuthi akayizwa leyo. “Ezinsukwini ibuye yasitshela ukuthi iyazi ukuthi unina akasekho. Kusethusile lokho ngoba kasazi ukuthi ikuzwe ngobani,” esho.


Uthi bengumndeni bayafisa ukuba ababulali bathole odilikajele kuwona wonke amacala abawenza. UNkk Gugu Zulu ongusihlalo wophiko lwabesifazane lwe-ANC eNewlands, owayeyikhansela ngesikhathi kubulawa uNkk Simamane, uthi kabukho ubuhlungu angabufanisa nabuzwe enkantolo ngesikhathi kuchazwa ngesihluku ababulawa ngaso abafi. Uthi okubi nakakhulu wukuthi lokhu kwenziwa ngabanye abantu besifazane. “Okubi wukuthi emphakathini kwakusolwa uMnu Simamane kanti empeleni ngomakhelwane abenzi bobubi,” esho. Icala libe selihlehliselwa uLwesine lapho kulindeleke ukuba ijaji likhiphe isigwebo.
skhom@ilanganews.co.za

Previous articleITheku lingase lilahlekelweyiKing Shaka Int. Airport
Next articleBajikijele umqeqeshi becikwa yisibhaxu