SKHOSIPHI MTHEMBU
LIFONELE umkalo, limazisa ukuthi lizombulala bese liyazibulala ngaphambi kokuba lizidubule lisekhweni lalo iphoyisa okuthiwa belingafuni ukwaliwa.
ILANGALempelasonto lithole ukuthi uSgt Bongumusa Dube (36), obesebenza esiteshini samaphoyisa KwaMsane, eMtubatuba, ugasele ekhweni lakhe KwaNkombose, khona eMtubatuba, wadubula wabulala ingane kasibali wakhe, uSibonga Mthembu (7), usibali yena waphuthunyiswa esibhedlela elimele kanzima.
Kuthiwa uDube wenza lokhu nje, ubesehlala ngokwehlukana nomkakhe, uNkk Nomcebo Dube, uMaButhelezi.
izinto kuthiwa bezingasahambi kahle emshadweni wabo, inkosikazi ikhala ngokuthi umyeni uyayishaya.
Leli phephandaba lithole ukuthi uNkk Dube ubesemalile uSgt Dube, engayizwa eyokuba babuyelane. Kubikwa ukuthi ucasulwe yilokho, wagila lo mhlola.
Kuthiwa ngoLwesine emini uqale washayela umkakhe, emazisa ukuthi njengoba engafuni babuyelane, uzombulala naye azidubule azibulale.
Kubikwa ukuthi inkosikazi ibalekile kubo ngoba isaba ukuthi hleze ayihlasele.
ILANGALempelasonto likhulume noNkz Zandile Buthelezi ongudadewabo kaNkk Dube, othe udadewabo ubehlala ngokuhlukumezeka emshadweni wakhe weminyaka emibili.
Uthe indlela isimo ebesisibi ngayo, udadewabo ubeseze wabuyela kubo ngoba esabela impilo yakhe, ehlale esatshiswa ngokubulawa.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal,
uLt-Col Nqobile Gwala, uthe kuvulwe icala lokubulala, elokuzama ukubulala nedokodo ngokufa komuntu.