“Lizigulisile” leqa iphoyisa ebelizogwetshelwa ukubulala abathathu

218

PHUMLANI GAMA

LIGCWELE amathafa iphoyisa eleqe ngoLwesihlanu emuva kokulahlwa yiNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu ngamacala amathathu okubulala. Lokhu sekudale ukuthi bayobhaca abesifazane abathathu abebengofakazi ecaleni ebelibhekene noLebohang Ndlovu (26) obeyiphoyisa esiteshini saseMgungundlovu. Kubikwa ukuthi uNdlovu uthole intuba yokweqa emuva kokuba eqambe amanga, wathi uyagula enkantolo wabe esephuthunyiswa emtholampilo. Ulahlwe ngamacala okubulala – uMnu Bonga Ngubane, uMnu Mthokozisi Khumalo noMnu Bheki Jojo esigamekweni esenzeka ngoNhlangulana (June) 2022, eFrance, eMgungundlovu – elokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni nezinhlamvu. Wazinikela emaphoyiseni emuva kokubulala abafi. Wenza leli cala eneminyaka emithathu ejoyine umbutho wamaphoyisa. 

KUSUKELA kwesokunxele nguMnu Bheki Jojo, nguMnu Bonga Ngubane, uLebogang Ndlovu (umbulali) noMthokozisi Khumalo.

NgoLwesine ngemuva kokuba elahlwe yicala, ube eseqala ukuzigulisa, ummeli wakhe wacela inkantolo ukuba imdedele aphuthunyiswe emtholampilo. Uphelezelwe yiphoyisa engafasiwe ozankosi. Kuthiwa uhanjiswe emtholampilo osenkabeni yedolobha uMgungundlovu, okuthe iphoyisa ebelimgadile lingazelele, wacela empunzini wangena phakathi kweziguli namalungu omphakathi emtholampilo emuva kwalokho wangabe esabonakala. Kubikwa ukuthi abafi babulawa ngemuva kokuba uNdlovu eshaye uNgubane ngebhodlela likabhiya emsola ngokuthi akazimisele ngokumkhokhela imali  ayeyibolekile. Umsolwa wayengumashonisa owaziwayo endaweni. 

Kuthiwa uNdlovu wafika izisulu ziphuza utshwala, wafuna imali yakhe kuNgubane owamphendula ngokuthi uzomlungisela imali yakhe – okwakufanele ibuye isinenzalo. Kuvela ukuthi uNdlovu wadinwa washaya uNgubane okwathi uma uKhumalo noJojo bemkhuza, waphendukela kubona, wabatshela ukuthi usaya kubo uyolanda into yakhe azobaqondisa ngayo. Kuthiwa wabuya esehamba nomfowabo nenja yakhe ayehlala ehamba nayo. Akakhulumanga, wafike wavulela ngenhlamvu kubona bobathathu bashonela endaweni yesigameko wase eyozinikela emaphoyiseni.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt-Colonel Nqobile Gwala, uthe amaphoyisa aseMgungundlovu aphenya icala lokweqa kukaLebohang Ndlovu (26).

phumlani@ilanganews.co.za 

Previous articleUmndeni udidekile ngenduna ebulawe kuhambe ugesi
Next articleIgcabha isele nabadala ngokuziphatha kwentsha