Lizoqala ukuqulwa ngo-October elikaMapisa-Nqakula lenkohlakalo

59

THANDOLUHLE NGUBO

LIZOQALA ukuqulwa ngoMfumfu (October) nonyaka eNkantolo eNkulu yasePretoria icala lenkohlakalo elibhekene noNkk Nosiviwe Maphisa-Nqakula obengusomlomo wePhalamende. UNkk Maphisa-Nqakula ubevele namuhla ngoLwesibili eNkantolo yeMantshi yasePretoria, ubhekene necala lenkohlakalo emayelana nemali elinganiselwa ku-R4 million, okusolwa ukuthi wayegwazelwa ngayo yizinkampani ezithile, ezazihlomula ngamathenda ngesikhathi esangungqongqoshe wezokukikela. Wazinikela emaphoyiseni 

ngoMbasa (April) nonyaka, wathweswa amacala awu-12 enkohlakalo. Uphenyo lwamaphoyisa lwaveza ukuthi kunobufakazi bokuthi wasikelwa “amantshontsho” izikhawu eziwu-11, phakathi kuka-2016 no-2019. Ungaphandle ngebheyili ka-R50 000. 

Previous article08 July 2024
Next articleAbeMK badube umhlangano wesiShayamthetho KwaZulu-Natal bekhala ngokwephulwa komthetho