Lizoqulwa enkantolo enkulu icala ‘lowabulala umyeni’

328

JOHN HLONGWA

ADINWE athelwa ngamanzi amalungu omndeni wesikhulu samaphoyisa kamasipala weTheku esabulawa, uCapt Thomas Ntombela ngesikhathi inkosikazi kamufi engumsolwa wokuqala kuleli cala, uNkk Faith Ntombela ewachapha ngenhlamba, ewakhombisa umunwe ophakathi nendawo eNkantolo yeMantshi eMlazi, ngoLwesithathu. UNkk Ntombela ongumangalelwa wokuqala, noMnu Sithembiso Khumalo ongithishanhloko kwesinye sezikole sakwaMaphumulo, ungumangalelwa wesithathu, bebevele enkantolo, batshelwa ukuthi icala labo lizoqala ukuqulwa ngoNhlangulana (June) eNkantolo eNkulu eThekwini. Umsolwa wesibili uKhulani Cele ubengekho enkantolo, kuvele ukuthi ufike sekwedlule isikhathi enkantolo.


Laba Bathweswe amacala awu-7 umuntu emunye. Phakathi kwamacala ababhekene nawo elokubulala kuhleliwe, amabili okweba, amabili okuphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho, amabili okutholakala nesibhamu esingekho emthethweni, wonke enzeka eMlazi nakwaDukuza.


UNkk Ntombela ungene enkantolo edangele, enganakho ukumamatheka lokhu ajwayele ukuba nakho uma esenkantolo, aze acele izintatheli ukuba zimthathe izithombe ezinhle, emamatheka. Ufike egqoke iyembe elibomvu nebhulukwe elimnyama efaswe ngozankosi ezinyaweni. Ngesikhathi eyongena enkantolo ubebhizi ecela amaphoyisa ukuba athambise ozankosi ezinyaweni zakhe, abekhala ngokuthi bayampintsha. Ngesikhathi besebhokisini labasolwa noMnu Khumalo akekho obekhulumisa omunye, ubungafunga ukuthi kabazani.
Emaphepheni asenkantolo aqinisekisa amacala ababhekene nawo abasolwa, kuphinde kwavela ukuthi uNkk Ntombela noCele babenobudlelwano bezothando nokunguyena owayengumhlanganisi, ehlela inkabi eyabe izobulala uCapt Ntombela.


Inkabi uMzo Ntombela yaboshwa yalivuma icala layo, yagonyuluka konke ngokubulawa kukaCapt Ntombela qede yagwetshwa iminyaka ewu-20 ibhadla ejele. UKhumalo kuvela ukuthi yena wayethenjiswe ukukhokhelwa ngemoto yohlobo lweSuzi nemali.
UCapt Ntombela walalelwa unyendle wabulawa esemzini wakhe ngoNhlaba (May) 2023, ngokwamaphepha asenkantolo kuvela ukuthi uNkk Ntombela nguyena owayengungqondongqondo kuleli tulo njengoba kuvela nokuthi wanika inkabi isibhamu sikamufi nomfaniswano wakhe womsebenzi ukuba ikusebenzise uma isiyombulala.


Ekhuluma neLANGA uNkz Nontobeko Ntombela ongudadewabo kamufi ngokuthukwa kwabo ngumakoti wakubo uthe: “Angimazi ukuthi usithukelani ngoba mina bengimncoma ngithi muhle uyacwebezela, liyamthanda ijele. Ngithe ngimbona wakhipha umunwe ophakathi nendawo engikhombisa wona engithuka,” usho kanje echaza. Ngakolunye uhlangothi nawo umndeni wakwaNtombela ubungazibekile phansi, uthuka umemeza uthi: “Sasithi silobolo umakoti kanti silobola umbulali,”

Previous articleUmncintiswano Wokunqoba Imoto
Next articleI-IFP isola izimbangi ‘incishwa’ ihholo