Lizovela enkantolo iphoyisa ‘elibulale intombi lahlala nesidumbu’

712

NOMFUNDO NGWANE

Ukhungathekile umndeni ngesenzo sephoyisa okuthiwa ligwaze labulala intombi yalo maqede lahlala nesidumbu izinsuku ezimbili.

KULINDELEKE ukuba livele eNkantolo yeMantshi yaseMlazi, eThekwini maduze iphoyisa laseziMpisini, eNgonyameni, eliboshwe ngoLwesine emuva kokuba amalungu omndeni walo elifice lihleli nesidumbu sentombi yalo endlini, sinamanxeba okugwazwa entanyeni. 

ILANGA lithole ukuthi besekuphele izinsuku ezimbili leli phoyisa esingeke silidalule lize livele enkantolo lihleli nesidumbu sika-Nkz Zama Cele (25), owaphuma kubo ngoLwesibili olwedlule ethi uya kubo kwesoka lakhe. 

UMnu Simphiwe Mbili onguninalume kamufi, utshele ILANGA ukuthi umshana wakhe waphuma phambi kwakhe ngezithuba zo-15h00 ngoLwesibili, wamtshela ukuthi ubizwe yisoka lakhe, bayoshaya obhiya ababili. 

“Saze sayolala engabuyile. Nangosuku olulandelayo akabuyanga kwaze kube sekufika umlayezo ngoLwesine ebusuku ukuthi kutholakale isidumbu sakhe endlini yesoka,” kusho uMnu Mbili. 

Uthi batshelwa nguyise kamsolwa ukuthi indodana yakhe yaficwa yingane yayo encane ihleli endlini nesidumbu, idakwe ingazazi negama layo. Uthi ingane yahamba yayobikela uyisemkhulu ongapholisanga maseko, waphuthuma esiteshini samaphoyisa eyobika lo mhlola. 

Ngesikhathi eyobika emaphoyiseni, kuthiwa umsolwa waphuma endlini washiya isidumbu, wayophuza ejoyintini elingumakhelwane. Ngesikhathi sekufike amaphoyisa, kuthiwa akazange abaleke, wabuyela kubo wawalandisa ngokwenzekile phakathi kwakhe noNkz Cele, okwenza wagcina emgwazile. 

UMnu Mbili uthi umsolwa wabatshela ukuthi ngesikhathi behleli bephuza ngoLwesibili, umufi wadonsa ummese ezama ukumgwaza, kodwa wahluleka, kwagcina kugwazeke yena. 

“Sikhathazekile kakhulu siwumndeni ngendlela umshana wami abulawe ngayo. Okusenza sanemibuzo eminingi ngokubulawa kwakhe, wukuthi kungani umsolwa ehlale nesidumbu izinsuku ezimbili endlini engabikeli muntu? 

“Sithole ukuthi ubephuma ngoba eyothenga utshwala abuyele endlini ahlale nesidumbu. Siyafisa ukuthi umthetho usebenze, ajeze ngo-buhlungu asizwise bona siwumnde-ni,” kusho uMnu Mbili. 

ILANGA lithole ukuthi umsolwa ubesebenzela esiteshini sakwaV, eMlazi – esidume ngokuthi kuseGG – ubaziwa ngokuba yiphoyisa elinga-ziphethe kahle ngenxa yamamba-wu. Kuthiwa abaphathi bakhe bese-bemphuce ngisho isibhamu somsebenzi ngenxa yokuphuza ngokweqi-le. 

Okhulumela amaphoyisa KwaZu-lu-Natal, uCol Thembeka Mbhele, uthe kuvulwe icala lokubulala, umsolwa uboshiwe, kulindeleke ukuba avele enkantolo maduze.

Previous articleSimuncu isimo bedilizelwa izindlu
Next articleKuqhume umkikizo kwaSokhulu ngoMiss SA