JOHN HLONGWA
KONKE sekumi ngomumo ngecala elibhekene neSilo uMisuzulu kaZwelithini njengoba kulindeleke ukuba lingene kusasa ngoMsombuluko eNkantolo eNkulu ePretoria.
ISilo siphonselwa inselelo ngumnewabo, uMntwana uSimakade (osesithombeni) njengoba ethi kasikufanele ukuba kulesi sihlalo.
ISilo sagcotshwa, sanikwa
isitifiketi ngumengameli wezwe, uMnu Cyril Ramaphosa, emcimbini owawuseMoses Mabhida ngonyaka ophelile.
Sesiqede unyaka sihleli kulesi sihlalo.
Okunye okungase kulindeleke wukuthi yini ezokwenzeka njengoba uNdunankulu kaZulu, iNkosi uMangosuthu Buthelezi ebengomunye wofakazi ababalulekile, ukhothame engayenzana incwadi efungelwe, ewubufakazi bokuthi yisona iSilo esikulungele ukuhlala kulesi sihlalo.
UMntwana u-Africa okhulumela iSilo uMisuzulu, utshele ILANGA Lempelasonto ukuthi konke sekumi ngomumo.
“Kuyiqiniso ukuthi ngoMsombuluko siya ecaleni, uMntwana uSimakade nguyena ophonsela iMbube inselelo,” kusho
uMntwana u-Africa.