Lubuyele enkantolo “olweKill the Boer”

872

INTATHELI YELANGA

LUBUYELE enkantolo udaba lokuculwa yi-EFF kweculo lomzabalazo elinezinhlambu ezithi “Kill The Boer, Kill The Farmer” njengoba izolo ngoMsombuluko beluseNkantolo yokuDluliswa kwamaCala eBloemfontein, emuva kokuba i-Afriforum iludlulisele kuyona. I-Afriforum yanquma ukudlulisela phambili isinqumo seNkantolo yezokuLingana, eyathi leli culo kalibhebhethekisi inzondo nokucwasa.
Yasola umholi we-EFF uMnu Julius Malema ngokuvubela udungunyane emphakathini ngokuqhubeka nokucula leli culo njengoba sekunezikhawu elicula uma kuhlangene amalungu aleli qembu.

Isigameko sakamuva, kube ngesikhathi i-EFF igubha iminyaka ewu-10 yasungulwa, emcimbini owawuseFNB Stadium, eGoli ngoNtulikazi (July). Izolo ngoMsombuluko inkantolo ilalele iziphakamiso phakathi kukaKallie Kriel oyisikhulu esiphezulu se-Afriforum nommeli we-EFF, u-Adv Tembeka Ngcukaitobi. Zombili lezi zinhlangothi beziveza ezikholelwa kukho mayelana nokuculwa kwaleli culo. INkantolo eNkulu yokuDluliswa kwamaCala isigodlile isinqumo sayo – mayelana nokuculwa kwaleli culo – kanti kulindeleke ukuba ikhiphe isinqumo maduze.

Previous articleSichithwe nezindleko ese-ANC kolwemiqulu
Next articleIbhola lakuleli kaliyilutho ngaphandle kweChiefs