INTATHELI YELANGA
LIDLULISELWE eNkantolo eNkulu yaseThekwini udaba lowayeyimeya yeTheku, uNkk Zandile Gumede, (osesithombeni) oyilungu lesiShayamthetho saKwaZulu-Natal, olumayelana nomkhonyovu wethenda ka-R430 million yokuqoqa udoti ezindaweni ezakhele lo masipala.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngonyaka ka-2019, uNkk Gumede nabanye abawu-20, bashaqwa ngoKlebe ngezikhathi ezingafani emuva kokusolwa ngokuthi bayabandakanyeka enkohlakalweni yale thenda.
Ngemuva kokuhlehla kaningi kwaleli cala eNkantolo yamaCala ezeMali (Commercial Crimes Court), iMantshi uDawn Somaroo, ithe isikhethe ukuludlulisela enkantolo enkulu leli cala.
NgoLwesibili, uNkk Gumede obeswenke edida impukane, ehambisana nalabo abekwe nabo la macala okukhona kubona imenenja kuMasipala weTheku, uMnu Sipho Nzuza, owayengusihlalo wekomiti lengqalasizinda uMnu Mondli Mthembu noMnu Sandile Ngcobo owayeyisekela lomqondisi kwa-supply chain kulo masipala.
UMshushisi u-Ashika Lucken, wethule umqingo obunamakhasi awu-324, lapho kuvela khona iqhaza likaNkk Gumede nabanye abawu-9 kulezi zinsolo. Laba kulindeleke ukuba bavele enkantolo enkulu ngomhla ka-14 ku-Nhlangulana (June).
Ngesikhathi evele enkantolo ngo-Lwesibili, abalandeli bakhe bebengangoZulu eya eMakheni ngaphandle kwenkantolo ematendeni, kanti bebesalokhu bekhale ngokuthi uNkk Gumede uboshelwe amanqina enyathi ngala macala abhekene nawo.
UMnu Ntando Khuzwayo okhulumela amagatsha e-ANC eseka uNkk Gumede, uthe abakufisayo wukuthi konke lokhu okwenzekayo kuyekwe ngoba kucacile ukuthi kudlalwa ngaye uNkk Gumede.
Kuleli sonto kuphinde kwaboshwa amanye amakhansela amathathu e-ANC, asolwa ngokubandakanyeka enkohlakalweni yaleli thenda okuthiwa yenzeka ngo-2017.
La makhansela nguMnu Mthokozisi Nojiyeza wakwa-ward 8, uMnu Bhekokwakhe Phewa wakwa-ward 44 noMnu Sduduzo Khuzwayo wakwa-ward 108, bavele eNkantolo yamaCala eMali, eThekwini. Laba babhekene namacala awu-2,786 esehlanganisiwe.Bheka nasekhasini 22.