lufihlwa kusasa ngezinkonzo ezimbili uqweqwe lwentatheli

912

NONHLAKANIPHO SHINGA

LUZOFIHLWA kusasa ngoLwesihlanu uqweqwe lwentatheli, uMnu Sbu Armstrong Masango (44), odume kakhulu kozakwabo ngelikaSchuse, oshone ngoMgqibelo ngemuva kokugula isikhathi eside.

UNkk Fortunate Masango, oyinkosikazi yakhe, uthi bahlele ukuthi kube nezinkonzo ezimbili kusasa. UMasango uqale ukusebenzela iphephandaba UmAfrika, iSouth African Press Association (SAPA), ngo-2002 waqashwa ngokugcwele yiLANGA.  Ngo-2008 uqashwe yiSolezwe, lapho egcine khona esenguMhleli weziNdaba kwiSolezwe ngeSonto.

Ekhuluma neLANGA uNkk Masango, uthe ngenxa yalesi simo esikhona sokuhlasela kwe-coronavirus, bakhethe ukuthi kube nezinkonzo ezimbili ukuze ozakwabo bakaSchuse bezokwazi ukuhambela inkonzo ezokube ibanjelwe emzini wakhe ose-Avoca Hills.

“Leyo nkonzo izoqala ngo-8 iphele ngo-9 ekuseni okuyilapho sizobe sesilibangisa KwaSwayimane esigodini sakwaMasango, lapho kuzobanjelwa khona inkonzo ezohanjelwa yizihlobo nabantu basendaweni. Uzofihlelwa khona ekhaya,” kusho umkakhe. 

Uthe ubengumuntu ozibopheze-le kakhulu emndenini wakhe. 

“Ngisho kunomhlangano wezingane ezikoleni, nguyena obekukhumbula kuqala lokho,” kusho umkakhe.

 UMasango ushiye izingane eziwu-7.

 

Previous articleAbefundisi baboshwe beshumayela
Next articleIsidumo ngeCoronavirus eThekwini