Lukhuza ibuya olokucula bukhoma kwiMpucuzeko

210

MTHOBISI SITHOLE

LUKHUZA ibuya uhlelo lokucula bukhoma kwabaculi kwiMpucuzeko Maskandi Festival kulo nyaka, ezokuba mhla ka-17 kuNcwaba (August) ePeople’s Park, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini. Lokhu kuvezwe ngumhleli walo mcimbi uXolani Mcineka (osesithombeni), othi ushintsho abalwenzile kulo nyaka wukuthi kuzoqhudelana izingqwele kulesi sigaba sokucula bukhoma. 

Uthe bane kuphela abaculi abazocula bukhoma bengalingisi amaCD. Le ndlela yokucula bukhoma beyimisiwe ngenxa yezikhalo zabalandeli zokuthi kumosheka isikhathi uma abaculi basalungisa izinsimbi. “Abantu bathembele kithina ukuba sithuthukise umculo wesintu. Uma sizoqhubeka nokumisa uhlelo lokucula bukhoma, kuzolimala ikusasa lomculo. Abaculi kufanele baqeqesheke ekukhaliseni izigingci bukhoma ukuze bathole amathuba okumenywa kwamanye amazwe,” esho.

Uthe baqoke uMbuzeni, yiThwasa Lekhansela neNkosi Yamagcokama ohlelweni lokucula bukhoma. “Kasifuni u-live uculwe ngabaculi abaningi. Ukukhetha abathile, kuzosiza ekutheni bazilungiselele kahle ngoba izindimbane zabathandi bomculo kamaskandi zizobe zibheke bona ngqo,” esho.  

Uthe ngonyaka ozayo kuzokhethwa abanye. Amathikithi alo mcimbi atholakala eTicketpro nasezitolo zakwaSpar ngo-R150. 

Kuboshelwe amaciko okubalwa kuwona uDumakahle, uBahubhe, uMdumazi, uKhaza, Izingane Zoma, Imfezemnyama, uQhosha, uCevuzile, u-Ali Mgube, uGatsheni, uStabhilithi, uMzukulu, uNjoko, uJaiva, uDSD, uSomnandi, Amangcukumane, uMnikezwa, uSkweletu, Amageza Amahle, uLagxabha, uNtencane, uNjoko, Amavikelambuso, Amayellow bone, uBuselaphi, uKhuzani, uVumile, uFalabo, uSkhenqe, iNdoni, uMlabalaba, uSgwebosentambo, uSminofu noSaliwa.

UMbuzeni Mkhize uthe bayakujabulela ukubuyiswa kohlelo lokucula bukhoma ngoba lukhuthaza ukuzimisela kubaculi.  Uthe abanye abaculi baphuthelwa ngamathuba okumenywa kwamanye amazwe ngoba kuyabehlula wukucula bukhoma.

Lo mcimbi wesekwe wuMasipala weTheku nephephandaba ILANGA.

Previous articleISilo sikhumbule amagalelo kaShenge sigcoba inkosi yakwaButhelezi
Next articleKuyasiza ukusabalalisa ulwazi olumayelana nemali ebantwini