Kunenkulumo esisabalele lapho kukhuluma khona mholi
THANDEKA NGOBESE
USOLWA ngokuvubela udungunyane umholi wamaNazaretha ohlangothini lwaseBuhleni, iNkosi Mduduzi “Nyazilwezulu” Shembe, okuzwakala inkulumo yakhe eqoshiwe, okuthiwa uyethule kuvalwa umhlangano entabeni eKhenana, ngoMgqibelo.
Kule nkulumo uNyazi luthi ama-Nazaretha mawavikele amagugu aseBuhleni ngoba yonke indawo lapho kugcinwe khona amagugu esizwe, iyavikelwa. Luthi ivikelwa ngamasosha aphethe izibhamu ezinkulu.
“Kangakanani-ke nina nivikela ubungcwele. EBuhleni yindawo yenu engcwele yivikeleni, musani ukuba ngamagwala, amagwala kawangeni ezulwini.
“Uyothi usuphakathi ezulwini kufike isigora sikukhiphe gwala ndini, kungene sona ngoba uyigwala.” Luqhuba luthi lubonga abantu abebesemhlanganweni webandla owawukwesaKwaBiyela (lapho kuvela ukuthi kwatitinywa isikhonzi senkantolo – ILANGA laloba ngalolu daba).
“Hhayi ngoba ngiyivubela, kodwa indawo enamagugu iyavikelwa, ivikelwa nangezibhamu ezinkulu eziphathwa ngamasosha. Laba ababefuna ukungena emzini waseBuhleni bayekeleni-ke manje ukungena njengoba silapha entabeni? Ngeke ungene isinoma kanjani eBuhleni, wumuzi wendoda loyana,” kusho uNyazi.
Kule nkulumo ethatha ihora, lo mholi ubuye akhwele adilike kulabo abathi kwakungafanele lesi sihlalo sithathwe nguyena.
“Akekho ongazi ukuthi uma ku-phuma ubaba kwakufanele kungene mina. Ongathi akazi uzenza isidomu. Kunabantu abenza sengathi bayangithanda kanti bayangikhohlisa, abanye baze basho ukuthi kabangiphiwe. Nize nithi aningiphiwe kanti ngiyaphisana yini? Angiyena uMphaniswa mina nginguMduduzi wabakhathazekile igama lami kulabo abangangazi,” kusho uNyazi kunanelela amakholwa ngo-Amen.
“Nani maNazaretha nibuye ningiphakamise kakhulu, yimi ophakanyiswayo kubona bonke, laba abanye batshodile. INhlangakazi intaba ngiyishiye ngoba ingahlambulukile. Bathathe mina bangibeka ngemuva, kwahamba bona kuqala ukuya entabeni, kugcine thina.
“Kuyaba siyafika intaba kayisekho ngcwele, sekufakwa nezinja, ngiyaqamba ngiyafika mina senginyathela lapho kade kunyathela khona izinja. Kwaphoqeleka ukuthi ngiyishiye le ntaba ngoba ingekho ngcwele,” kusho lo mholi.
Okhulumela amaNazaretha ase-Kuphakameni, uMnu Thetha Ngiba, uthi le nkulumo ikhombisa ukuphaka impi.
“Akanalo ilungelo njengomholi lokukhuluma kanje, inkantolo isingamthathela ezinye izinyathelo ngokuyidelela njengoba isinqume yaqeda ngalolu daba. Uhlangothi lwaseKuphakameni kalungene kulo mdonsiswano wobuholi, kodwa kubantu singamaNazaretha sonke.
“Uma kwenzeka lezi zinhlangothi zilwa, sonke abantu bazosithatha njengabantu abalwayo, kwehle isithunzi sethu neseNkosi yaseKuphakameni esithi singabantwana bayo sonke. Le nto mayixazululwe ngendlela eqotho engeke yehlise isithunzi senkolo yobuNazaretha,” kusho uMnu Ngiba.
UMnu Nkululeko Mthethwa okhulumela uhlangothi lweNkosi Phinda Shembe olwaziwa ngeThembezinhle, akatholakalanga ocingweni ukuba aphefumule ngalolu daba njengoba ucingo lwakhe belu-khala lungabanjwa.
Umholi wohlangothi lwaseGinyezinye, uMudliwamafa “Mahluleli” Shembe, naye akatholakalanga ocingweni ukuba aphefumule ngalolu daba. UMnu Lizwi Ncwane okhulumela abaseBuhleni, obuyele kuleli phephandaba selikhulume noMnu Thokozani Mncwabe naye okhulumela lolu hlangothi, uthe amazwi omholi wabo akukhona ukuphaka impi nokubukela abanye phansi, angawokuvikela inkolo yabo ngezikhali zokukholwa, hhayi izikhali zenyama.
Inkulumo yakhe ifane nekaMnu Mncwabe, othe abantu mabangazami ukutolika inkulumo yoNyazi ngendlela okungeyona.
“Thina ebesikhona siyizwile inkosi ukuthi ibingaphaki impi kodwa ibisiqwashisa ngokuthi singabi ngamagwala okukholwa. Inkosi ithi amasosha ayivikela ngezibhamu indawo yamagugu, thina kuyaziwa ukuthi singamasosha okukholwa. Sizoyivikela ngomkhuleko indawo yaseBuhleni.
“Indaba yasentabeni kangifuni ukungena kuyona ngoba yindawo le okwafikela kuyona uMqaliwendlela (uMphrofethi Isaiah Shembe).
“Esikucelayo wukuthi abefundisi, abashumayeli namakhosi bayeke ukukhuluma ngecala nangezimpi emathempelini kodwa mabanike abantu inkonzo abasuke beyizele ngoba le nto yiyo egcina seyijika izinhliziyo zabantu,” kusho uMnu Mncwabe.