Luzoqhubeka ngabasha uhlelo lukaMasipala weTheku

173

BHEKI NDLOVANA 

LUZOQHUBEKA ngezisebenzi ezintsha uhlelo lwemisebenzi yomphakathi, i-Expanded Public Works Programme (EPWP), ngaphansi kukaMasipala weTheku enyakeni ka-2024/245. Indaba yalolu hlelo ibisohlwini lwezinto ebezidingidwa wumkhandlu walo masipala ngeledlule, wanquma ukuthi sizokwehliswa isibalo sabazoqashwa.

Kuthiwa bawu-1  276 okuhlelwa ukuthi bazoqashwa kulokhu, kanti phambilini bebewu-4  155. Ukuncipha kwalesi sibalo kudalwa wukwehliswa kwesibonelelo salolu hlelo esivela eMnyangweni wezemiSebenzi yoMphakathi neNgqalasizinda, esizoba wu-R18,8 million, sisuka ku-R42 million.  

Awu-119 amakhansela avotele ukuba kuqhutshwekwe nalolu hlelo, kwathi awu-44 eDA akuchitha. 

Kuzokhumbuleka ukuthi kusanda kuqubuka umsindo eThekwini, kwaba nombhikisho oshubile wabebeqashwe phambilini – esesiphelile isikhathi sezinkontileka zabo – bekhala ngokuthi ngeke zisavuselelwa.   

I-DA ikholwa wukuthi lolu hlelo kalubasizi abantu ukuba bakwazi ukuzimela njengoba lubanika ithuba lomsebenzi wesikhashana. UMnu Andre Beetge oyikhansela leDA, uthe kufanele umasipala ubambisane nohulumeni kazwelonke, kutshalwe imali emfundweni efanele nasekuthuthukisweni kwamakhono, ukuze abantu bakwazi ukuziphilisa. 

Ngomlomo kaNkz Banele Thusi, i-EFF ithe nakuba ilweseka lolu hlelo, kodwa inxusa ukuba kube nobulungiswa ekuqashweni. “Ngokuqonda kwethu, lolu hlelo ngolokuqeda indlala. Kufanele kuhlomule bonke abantu, kucatshangelwe bonke abangasebenzi,” kusho uNkz Thusi. 

I-EFF iphakamise nokuthi uma sekuqashwa, kumele kube nendlela yokuba abaqashiwe bachazelwe kahle ngokusebenza kohlelo (induction) ukuze baluqonde. 

UNkz Thusi uthe kubuhlungu ukubona abantu sebebhikisha ekubeni sesiphelile isikhathi sabo ngokwenkontileka abasuke beyisayinile. Uthe leyo mibhikisho idalwa yikho ukuthi abantu basuke bengenalo ulwazi oluphelele lokuthi izinkontileka abasuke bezisayinile zisuke zizophela ngesikhathi esithile. 

“Uma bengachazelwa kahle, kungagwemeka ukuthi abantu bagcine sebelwela into okungafanele engabe bayayilwela,” kusho uNkz Thusi. 

Previous articleLibalahle sebevika ngosewashona “abasindiswa” ababulala izingane “bezikhipha” amadimoni
Next articleOwaseMkhomazi “uklolodele” omasikandi baphesheya koThukela ngohlelo lweMpucuzeko