makholwa nesiteshi senkolo esiyisipesheli ngephasika

645

LUCKY CAIN 

SIZOGABA nangomculo wokholo isiteshi esiyisipesheli sezintshumayelo zePhasika esibizwa nge-Africa Easter Channel, esizokhonjiswa ngaphansi kweMultichoice Channel 344.

Lesi siteshi sizoqala ukukho-njiswa kusukela ngoLwesine kuya kuMsombuluko ozayo womhla ka-13 kwephezulu. 

Ukumenyezelwa kwalesi siteshi, kuqhamuke ngemuva kwesiphakamiso esenziwe nguNgqongqoshe wezokuXhumana, uNkk Stella Ndabeni Abrahams, onxuse iMultichoice ukuba ivule lesi siteshi ngenhloso yokuphakela izigidi zabantu bakuleli abangeke bakwazi ukuhambela izinkonzo zePhasika njengoba leli lizwe lingaphansi kwezinsuku eziwu-21 zokuba ligonqe.

UMengameli Cyril Ramaphosa ngeledlule umemezele ukuthi abantu mabahlale emakhaya ukugwema ukubhebhetheka kwegciwane i-coronavirus

Lokhu kuphoqe ukuba kubhuntshe inqwaba yemicimbi ehlanganisa nezinkonzo zamabandla ahlukene ePhasika. 

Lesi siteshi sizophakela kakhulu labo bamabandla, amaWeseli, amaKhatholika namaSheshi. 

Ngaphandle kwezintshumayelo, sizogaba nangomculo njengoba kulindeleke abaculi okubalwa kubona uDr Tumi, uLebo Sekgobela, iHillsong, uWilliam McDowell noRebecca Malope. lucky.cain@ilanganews.co.za

Previous articleKabayingeni eyezicelo zokuhlabela amadlozi
Next articleUgqugquzela ubuntu uYvonne