Inyosi yeSilo ithi intsha kumele ifunde ukuhasha izibongo zasemakubo
SKHOSIPHI MTHEMBU
INESIFISO sakuba lishunyayelwe nasezikoleni ivangeli lokuhasha abadala inyosi yeSilo, uMnu Buzetsheni Mdletshe, ebenengxoxo ekhethekile neLANGA njengoba kuqhubeka amalungiselelo omcimbi wokunikezelwa kwesitifiketi seSilo uMizusulu kaZwelithini, ozokuba seMoses Mabhida Stadium, eThekwini ngoMgqibelo. Lesi sitifiketi esigunyaza iSilo ukuphatha ngokukahulumeni emuva kokungeniswa esibayeni KwaKhangelamankengane, ngoMandulo (September) sizodluliswa nguMengameli Cyril Ramaphosa.
Lo mcimbi kulindelwe ukuba uhanjelwe ngabantu abaqhamuka ezindaweni ezehlukene eNingizimu Afrika nakwamanye amazwe. UMdletshe uveze ukuthi kubalulekile ukuhashwa kwamakhosi asakhothama uma iSilo sizokhuluma nabantu noma kuzoba khona umcimbi ofuze lona,
ukuze ezoba khona ngokomoya. “Kubalulekile ukuqonda ukuthi uma kuzoba nomcimbi noma iSilo sizokhuluma nezihlwele, kawubizi izibongo zaso, kodwa ubiza amakhosi asakhothama, ukuze konke kuzohamba kahle. “Ngisho sesiqala ukusukuma sikhulume nabantu, kawusho ezaso, kodwa uhasha amakhosi asandulele.
“Uma sesikhulume saqeda, kungaleso sikhathike inyosi ibiza izibongo zeSilo. “Kanjalo noma sesihamba lapho besikhuluma khona, ubiza ezamakhosi angaphambili kwaso, usicelele indlela ukuze sizohamba kahle,” kusho yena. Uchaze nangezibongo zenkosi ukuthi ziqhamuka kanjani “Izibongo zenkosi ziqhamuka ngezigameko ezenzeka kusukela ingakabekwa esihlalweni. “Njalo uma kunesigameko esenzekayo, inyosi iyasiqaphela, uzwe isisibiza uma ihasha inkosi.” Uthe yize enesikhathi enza lo msebenzi, kodwa bekungokuqala ezibonela mathupha kubekwa iSilo ngenkathi iNgonyama uMisuzulu ingeniswa esibayeni.
“Yize ubaba ongizalayo wayejwayele ukuhamba nami uma eya emicimbini yasendlunkulu, kodwa ngosuku okwakugcotshwa ngalo uMdlokombana, wangishiya wahamba nomunye wabafowethu.” Uveze nokuthi lo msebenzi wawuqala emncane kanti unesifiso sokubona intsha iwenza, kangangoba ufisa nasezikoleni kungqungquzelwe abafundi ngawo. “Ngaba nentshisekelo yalo msebenzi ngesikhathi ngizwa inyosi yeSilo uBhusha (iSilo uBhekuzulu), uMathambo Gwala. “Kwangithatha kakhulu ayekwenza. Ngaqala ngokubiza ezakithi izibongo ngaphambi kokuba ngibize ezeSilo uMdlokombana ngo-1974.
“Ngafica kukhona uGwala owaqhubeka wahasha uMdlokombana. “Zikhona nezinye izinyosi ezafika ngesikhathi sikaMdlokombana sengikhona okunguMncwango, uXulu, uNtombela kuze kufika koGoqozile. “Lo msebenzi kumele uwenze uma unothando lwawo, kube yinto esuka kuwena ngaphakathi. “Kuyisifiso sami ukuthi ukuhaywa kwezibongo kube yinto engqungquzelwayo nasezikoleni. “Lokho akusho ukuthi kumele kube ngezeSilo kuphela, kodwa kumele intsha ifunde nokubiza ezasemakubo njengoba nami ngaqala lapho ngineminyaka elishumi nje kuphela ubudala.” kusho uMnu Mdletshe, osanda kukhipha incwadi ekhuluma ngamaqhawe aseMdletsheni abaneqhaza elikhulu eNdlunkulu kaZulu.