NGOSIBA LIKA: REV MKHEKHELEZI
EMUVA kokuvela kwezindaba zokuthi unina kaChidimma Vanessa Onwe Adetshina – obengenele uMiss SA, wagcina ehoshe imfe – sengathi yinkunzi yesigebengu esantshontsha imininingwane yomunye umuntu, sifikile isithunywa sami, sathi: “Mkhekhelezi ndodana, impungushe engungqongqoshe wamaqili, ingumesiya emhlambini wezimvu eziyizimpumputhe.” Sona-ke sisho ngesiNgisi sathi: “A canning fox is a messiah to the blind flock of sheep.”
Ngisibuzile ukuthi siqonde ukuthini ngale nkulumo ngoba phela isimomondiya esinguMa-Adetshina, kasiyona impungushe, sathi: “Ubazwile abaholi-mbumbulu benu abebebanga umsindo kuhle kwamaselesele ebika intwasahlobo, bevikela uMa-Adetshina wakho lowo? Ubazwile abalandeli babo ukuthi babesekile ngisho sekuvelile ukuthi uMa-Adetshina ungowaseNingizimu Afrika ngomgunyathi owenziwa ngunina?” Ngiyamzwela yena bakithi uMa-Adetshina, ibuhlungu le nto emehlele, kangiyifiseli muntu.
Kunomholi-ke bakwethu ohlale enconywa kuthiwa uthanda ama-Afrika, kuthiwa uhlakaniphe udlula uGoogle, okhulume izaqheqhe zesiNgisi, elwisa abantu base-Ningizimu Afrika abebekhononda ngokungenela kukaMa-Adetshina uMiss SA. Niyamazi ngoba vele kakukuningi enikukhumbulayo ake wakusho ukweseka abantu bakuleli, ngaphandle nje kokuhlale ejikijela abelungu ngamagama amumethe inzondo ewu-1000 Watts wezipikha zeTedelex neBlaupunkt.
Ingani uyazi ukuthi uma eke wakhombisa ukulwa nabelungu, iningi lethu lisukuma ngeshodi likaTebogo Mokoena weMamelodi Sundowns, limeseke ngaphandle kokubheka ubumbulu bakhe. Yimbulu leya! Akayedwa kulobu bu-canning fox, baningi. Kukhona nje owahlulwa wukuqoqa amavoti eqenjini eligqoka njengabalandeli bakaKhuzani, waxoshwa, wavula ithilomu lakhe. Ngimzwile naye eseveteza ngesiNgisi egxeka abakuleli.
Benza ngathi balwa nabelungu nje, amaqembu abo amiswe yibona abelungu labo. Ukuthanda imali kwabenza bachatha ngembiza okuthiwa yi-politically correct. bahlale befuna ukubonwa njengabantu abalungile ngamanye amazwe ngokwenza thina izimvu zomhlatshelo. Ungazi njalo ukuthi umuntu akathuli ngani alinde okungenani indaba ize ifike kwi-half time, bese eyahhema-ke. Abaholi abafuze laba – nalabo saziwayo engingabazi ukuthi badume ngani, nabo abebelwisa abantu bakuleli ngodaba lukaMa-Adetshina – bangabadayisi babantu baseNingizimu Afrika.
Bakhomba ngenjumbane uMnu Nelson Mandela noMnu Cyril Ramaphosa, bathi bangabadayisi nje, iminwe emine ibheke ngakubona. Ziyalwa-ke izimvu zabo zithi: “Hands of our messiahs! Nilimele ezingqondweni, nibulawa wukuthanda abelungu.” Wemame! Usifumbu ubona uqhaqhazela.
Siyabathanda abanye abafowethu bakwamanye amazwe ase-Afrika, kodwa ngeke phela iNingizimu Afrika iphenduke ihholo lomphakathi wonke wase-Afrika – ngisho nabantu abathole izimvume ngesi-adetshina – bese kuqhamuka abantu abathi bangabaholi bazosikhulumela amanyonti azibonelwa nguZinjaziphetheni ikhehla lakwaMkhwanazi phesheya kweNkonjane, le ngakithi KwaDlangezwa, bacabange ukuthi kuzothuleka nje.
Laba baholi beseka yonke inyovademu eyenziwa ngabantu bakwamanye amazwe ase-Afrika kuleli – becashe ngokuthi yingoba bangabafowethu – ngoba benzela ukuhlomula kula mazwe. Phela kasizalwanga sinemiqondo ephuphuthekile sonke, siyalwazi lolu hlobo lwabaholi. Luyazi ukuthi iningi labantu abampisholo uma uke wathi usibanibani u-racist, u-xenophobic noma u-tribalist, sizomthuka lowo muntu aze aqalekise isibeletho sikanina.
Lusiqhatha nabantu bakwamanye amazwe ase-Afrika. Ubezwa nabo sebethi si-xeno for bic, kasibafuni “abafowethu” abampisholo, kodwa sithula njengekati likamesisi lidla iCatmor uma izigebengu kungabelungu, amaNdiya noma amaShayina. Baze bathi bona banomhlaba emazweni abo, thina kasinawo, uphethwe ngabelungu. Kusizani ukuba nomhlaba kodwa ubhuqwa yindlala uze ubaleke ezweni lakho uyonswininiza njengenyendle emazweni abanye abantu – stridulating like a cricket in another man’s country, ngesiNgisi – hhe?
Baze bathi yayingekho imingcele yamazwe, yafika nabelungu. Webhatata. Wawungasuka nje ezweni laKwaZulu uyoqhetha kwelaKwaMthethwa, uze utshale udedangendlale wensimu kabhatata iNkosi uDingiswayo noma izinduna zayo zingazi? Kuyimanje sithukwa ngabafowethu bakwamanye amazwe ase-Afrika ngenxa yalaba baholi abangama-octopus, abangenamgogodla. Nina zimvu zalaba baholi abangompongozile ibhimbi lombholoho, okufanele nikwazi, wukuthi ukulokhu nithi sibamnyama sonke singama-Afrika, does not pay bills, wumnotho okhokhela ama-bill.
Uma-ke izwe seligcwele yonke inhlobo yomuntu nongaziwa konkosi, umnotho uyakhubazeka, kwande indlala, ubugebengu nezifo kunciphe nalo mhlaba enithi niwufuna kubelungu.
Ngithukeni-ke, kanginandaba ngoba vele inhlamba yisikhali somuntu onengqondo engange-ground le-table tennis. Kuze kwasukuma umfana wekhaladi, uGay Ton Mkhize (nangu esithombeni) wayilwa le ndaba, zibhizi lezi ezinye ezikhefuza too much, zifuna ukuba nguThandekile – uthunjana kamkhulu uMuziwendoda nogogo uNomzamo – ngamagama ethu.
Hikhensile ngopfu ma-Afrika!