Masifunde ukufingqa imikhono, singathembeli kubaqashi kuphela

477
Umfundi welanga uphawula ngokubaluleka kokuba abantu basebenzise amakhono abanawo ezindaweni abahlala kuzo, bangalindi 
ukuqashwa njengoba ukuhlasela kobhubhane i-coronavirus kuphoqe abaningi ukuba bahlale emakhaya, okugcine kushaya labo abadla imbuya ngothi. 

MHLELI; izakhamizi zaseNingizimu Afrika zinokudideka okukhulu kusukela kwamenyezelwa ukuthi izwe liyavalwa (lockdown) kusukela mhla ka-26 kuNdasa (March) ngemizamo yokulwa nokusaba-lala kwe-coronavirus

Kwamenyezelwa ukuthi abantu bavunyelwe ukuphuma uma beyokwenza izidingo ezimqoka njengokuya emitholampilo, kodokotela, emakhemesi noma beyothenga ukudla. 

Kwamenyezelwa ukuthi akekho ovumelekile ukuphuma ekhaya ngaphandle kwezisebenzi okubalwa kuzona amanesi, amaphoyisa nezisebenzi zezitolo zokudla ezivunyelwe ukuya emsebenzini. 

Nabezindaba bavunyelwa ukusebenza ukugcina isizwe sazi ngokwenzekayo njengoba kuqubuke lolu bhubhane. Kwaba nokukhulu ukushayisana ngamakhanda uma sekuvalwa nokuhlanganyela kwabantu abawu-100 okwakuvunywe phambilini. 

Kwashintshwa ngenxa yokubonakala ukuthi uma abantu bebaningi ndawonye, makhulu amathuba okuthi batheleleke ngeCovid-19. Kwabe sekuhlehla imicimbi emikhulu, imishado, imembeso nezinkonzo kubalwa nezePhasika, kwancishiswa isikhathi sokuba semingcwabeni, kwaba yihora elilodwa nje kuphela. 

Konke lokhu kulethe olukhulu ushintsho kwizakhamizi zezwe lethu nokudideka okukhulu. Lukhulu ushintsho olufike nokuvalwa kwezwe ikakhulukazi kwezomnotho njengoba siyizwe elisathuthuka futhi elinesibalo sabantu abaningi abangasebenzi okukhona kubo intsha eneziqu zemfundo.

Ngenxa yokusabalala kwalesi sifo, kube sekugqugquzelwa inhlanzeko, ukugeza izandla nokuhlala ngokuqhelelana ngamamitha amabili. ngisho ezitolo kuvunyelwe ukuba kungene umuntu oyedwa ngesikathi, izingane kazivumelekile ukutholakala zivakasha noma zehla zenyuka emigwaqweni. nemboni yezokuthutha nayo iphazamisekile njengoba kwehliswe isibalo sabantu abavumeleke ukuba bathuthwe ngabamatekisi.

Kodwa ngalesi sikhathi ngibuka se-ngathi asibabhekelelanga labo abadla imbuya ngothi nalabo ababamba amatoho ukuthi bazophila kanjani njengoba kungavunyelwe muntu ukuba ayosebenza ngaphandle kwalabo ababalulwa ngumengameli. 

Siyakuqonda ukuthi uhulumeni wethu ubheke ukuthi lesi sifo singabhebhezeleki, kepha labo abasebenza ezindlini nalabo abaphila ngamatoho bashayeke kakhulu ngalolu bhubhane. kuningi okudingeka sikwenze siyisizwe ukubheka labo abaxakekile nalabo abangenayo nhlobo inzuzo yokuphilisa imindeni yabo.

Iyancomeka imizamo eyenziwa yizinkampani neminye yeminyango kahulumeni ukusiza labo abangenakho okuya ngasethunjini.

 sibonile ezinye zezikhulu zeminyango zivakashela amakhaya ngenhloso yokuhambisa izijumbana zokudla kulabo abantulayo kodwa iqiniso wukuthi lokhu kakwenele. yingakho kumele njengesizwe siqhamuke namasu amasha okubhekana nekusasa uma sesidlulile lesi sifo.

Ukuvalwa kwezwe kuzoba nalo igalelo ekuhleleleni ikusasa. okumqoka wukuthi kulabo abaqashiwe bafunde lukhulu ukuthi imisebenzi abaqashwe kuyona ngelinye ilanga ingaphela, basale benkemile.

 Yingakho kuzodingeka ukuthi umuntu nomuntu ikakhulukazi intsha yakithi izihlele kabusha. Kubantu abambalwa engikhulume nabo, bakubeke kwacaca ukuthi bayazihlela, bahlelela ikusasa, okuhamba phambili wukuba wonke umuntu asebenzise ikhono analo ukuxosha ikati eziko emuva kwalolu bhubhane. 

siyakuqonda ukuthi kuningi esikudinga kuhulumeni ukuze sikwazi ukuzithuthukisa kepha kuningi nathi esingakwenza. Phambilini kuke kwagqugquze-lwa ukuba wonke umuzi ube nengadi lapho uzovuna izitshalo ukwazi ukudla ngaphandle kokuya ezitolo. sekuyisona leso sikhathi sokuba sisukume.

Siyintsha nesizwe sonkana besesinge-nwe kakhulu yimpilo yokuhlala sidla ngaphandle, okuthathwa njengokuzijabulisa. Sesibonile ukuthi abantu bakithi banawo amakhono okupheka ukudla okunhlobonhlobo, sibonile ezinkundleni zokuxhumana ukuthi abanye bayabhaka. Kungani singafundi kulesi simo ukwakha ikusasa lethu?

Kuzomele sisukume sizakhele umnotho wethu nabantwana bethu sicabange kabusha. Abantu bakwamanye amazwe bayakholelwa ekuzizameleni ngokuthi bafuye, balime noma badayise belala kuleyo yindlu abadayisela kuyona. 

nathi isimo siyasiphoqa ukuba sithintithe imibono esinayo kwezamabhizinisi ukuze siphile ngaphandle kokuyofuna imisebenzi. Kungenjalo ngelinye ilanga siyolala singadlile ngenxa yokuphela kwemisebenzi isigubhukane.

Phindile Mkhize

Previous articleUMboweni uthi ngeke kube lula ukuvuka komnotho wakuleli
Next articleIqubula imibuzo eyokushiswa kwezikole