Masigawule sibheke njengoba sekusondele isikhathi sikaKhisimusi

    684

    SIGUDLA NOGALAKAJANA:  ABDUL MILAZI

    UKHISIMUSI ususemnyango, ngakho-ke uma ungakacabangi noma uhlele ukuthi imali yakho uzoyisebenzisa kanjani, asikakushiyi isikhathi.

    Kwaqala le nyanga ezayo, walala wasala, sesiyokubona ugijima emuva komashonisa ngoMasingana (January), usungazi ukuthi uzothathani, uhlanganise nani. 

    Uma kufika lesi sikhathi, ngikhumbula ingoma yeSoul Brothers, eyayithi, “njalo ngoMgqibelo, njalo ngoLwesihlanu ziyaduma…” 

    Phela bonke abantu – onemali nongenayo – uyaphuza kulesi sikhathi sentokozo. Utshwala buningi okwamanzi okuphala izikhumba. 

    Kuba sengathi kunomncintiswano wokuthi ngubani onemali eningi. 

    Iningi ngalesi sikhathi lifuna ukudla inyama eningi futhi likhohlwe ngamadumbe njengoba kwasho uBig Zulu engomeni yakhe. Futhi lifuna ukuphuza utshwala obuningi, likhohlwe wumbhubhudlo ne-Oros. 

    Kwakunesisho samaNgisi esasithi, uma ufuna ukuceba, kumele uphile njengesichaka bese udla njengamakhosi. 

    Phela amakhosi amaNgisi ayengadli kakhulu, ayethi choko choko nje okwenkukhu, bese edla izithelo, ngoba engafuni ukuqhuma imikhaba. 

    Amakhosi ase-Afrika wona, ayezitika ngenyama nakho konke okumnandi okukhona, yingakho wawungeke uyithole inkosi eyisilenda. Wonke ayesho ngemikhaba ecwebezela sengathi igcotshwe uVaselina. Ayenone njengalo Nomalungelo uHugh Masekela acula ngaye kuleli culo lakhe elithi, “Thanayi”. “Akasatyebanga uNomalungelo, inkab’ itshonile. Akasatyebang’ uNomalungelo uhlulek’ ukuphakama…”. 

    Usuyalibona nje lelo bhola lomuntu osehluleka wukusuma, okumele kubizwe usigxabhayi ukumthwala aye endlini encane, aphinde ambuyisele endlini. Kwa-naleyo ndlu yangasese kumele inwetshwe ibe ngangegumbi lokulala ukuze akwazi ukungena.

    Ngesikhathi sikaKhisimusi, iningi lidla njengaye lo Nomalungelo wodumo namakhosi ase-Afrika, kodwa-ke kangisho ukuthi kuyiphutha ukuzithokozisa ekupheleni konyaka, ngoba phela usuke usudonse izinyanga eziwu-11 usebenza kanzima. 

    Okubalulekile nje wukuthi ujabule uzibambe, ucabange izidingo zakho nomndeni wakho. Uthi noma uyidla leyo nyama eningi, ube wazi ukuthi imali ozo-yidinga ngoMasingana uyibekile. Ungayibeki phansi komatilasi ngoba uzogcina ususola izingane uthi ziyebile, ka-nti idliwe nguwe uqobo lwakho. 

    Imali ihamba kanjalo ungayiboni. Udamane uyincozula kancane kancane, uthenga oncamnce. Dukudu, sekusele uR20  ku- R1000 obungaphansi komatilasi. 

    Uma ungenazingane futhi uhlala wedwa, ungazibona usugijima izinyanga, ukholwa wukuthi yebiwa ngotikoloshe. Nazo izinyanga zifuna imali, lena ozobe ungenayo ngoMasingana, zikutshele ukuthi ubuye ngoZibandlela (December) usunemali. Phela izinyanga kazisebenzi ngesikweletu. 

    Uyothi ufika uZibandlela, uphinde sona leso, usukhohliwe ngotikoloshe, amagedawuni eze ngamandla, usujayiva uze ube mfushane, njengabo laba bafana osola ukuthi bantshontsha imali yakho. 

    Ngenyanga kaKhisimusi abantu baze baphuzise ngisho izitha zabo. Uthola nomuntu obengakukhulumisi unyaka wonke, esekhuleka esangweni. Athi uma esedlile ahambe ekukhuluma kabi, edakwe wutshwala bakho.

    www.ilanganews.co.za

    Previous articleUbonga ukuphuma esaphila esikoleni uthishanhloko othatha umhlalaphansi
    Next articleUhulumeni wakuleli uphika eyokweseka “izihonga” zasePalestine