Mayisukunyelwe eyokucwasana kwezingane ngokwebala ezikoleni

    162

    CALLISTUS NKWANYANA

    KAKUFANELE nakancane sibekezelele into enokucwasa ngobuhlanga nobandlululo. Ukucwasa abanye ngebala kuyisifo okungafanele sisibekezelele. Ngithi kuyisifo ngoba ngibona sengathi ingqondo yalowo muntu isuke igula ngandlela thizeni. Lesi sifo sibi kangangoba abagula ngaso bazibona bengonkulunkulu ebantwini ababacwasayo.

    Kufanele bajeziswe kanzima abanikazi besidleke sobandlululo

    Into enzima kakhulu wukuthi le nto bayenza bayilumbanisa nenkolo. Into eyinkolo-ke iyingozi ngoba abanye baze babulale egameni layo. Nobandlululo lwalubulala ngoba babebona sengathi inkolo iyabavuna, nanokuthi bona bangabakhethiweyo kunabanye. Ukubona izingane ziqhuba ubandlululo nokucwasana ezikoleni kumele sikubuke njengezimpawu. Ubandlululo olukhulu lusemakhaya, lapho lezi zingane ezisuka khona. Uma sifuna ukuqeda ngobandlululo, kumele sibheke isidleke salo. Uma sisithola, kumele sibajezise kanzima abanikazi besidleke sobandlululo.

    Izinto ezenzeka ezinganeni ezinsundu ngeke bazimele abamhlophe

    Lezi zinto ezenzeka ezinganeni zethu thina abansundu, ngeke bazimele abamhlophe. Into ebuhlungu wukuthi ngisho ababhekele amalungelo abantu banesandla esithambile, ikakhulukazi kwabamhlophe. Abantu abansundu badutshuliwe kuthiwa bekucatshangwa ukuthi yizimfene, bahudulwe ngezimoto, bathukwe ngezi-nhlamba, baze babizwe nangamagama acwasayo. 

       Kakukho sigwebo esike sakhishwa esilingana nezenzo zalaba abamhlophe. Kusakhombisa khona ukuthi impilo yomuntu onsundu kayilutho, iyefana nje neyezilwane. Ukuhlukunyezwa kwabantwana bakithi kudala kwaqala, kodwa uhulumeni kawubonakali ungenelela ngendlela, futhi ujezise labo abenza okubi.

    Yini eyenza kucwebe iziziba uma kuhlukumezeke abantwana bethu?

    Ngisho isilwane esincane uma uke wathinta umntwana waso, siyazijuba silwe, sincamele ukufa. Yini lena eyenza kucwebe iziziba uma kuhlukumezeka abantwana bethu? Ngabe labo esibanike amandla okusivikela kabawenzi umsebenzi wabo? Uma bewenza, kungani ukuhlukumezeka kwabantwana abansundu kushaywa indiva? Kwenziwa yini ukuthi emuva kweminyaka ewu-30 sathola inkululeko, sibhekane nalezi zimo? Kufanele ngabe esabafaka kuhulumeni kudala bayisukumela le nto. Kungani bengaziboni izinyembezi zabantu abansundu?

    Ngabe izinyembezi zethu sezajwayeleka ngendlela yokuthi kazisasho lutho?

    Ngabe izinyembezi zethu sezajwayeleka ngendlela yokuthi kazisasho lutho kwabasemandleni? Yini lena okufanele umntwana onsundu ayenze ukuze naye abonakale ukuthi ungumuntu ngale kwebala lakhe? I-Western Cape ibalwa nezifundazwe eziphambili ekubandlululeni ngokwebala ezikoleni. Ngo-2023, zibalelwa ku-123 izigigaba zokucwasa ngokwebala. KwaZulu-Natal zibalelwa ku-78; eGauteng ziwu-73. Lokhu kwavezwa wumbiko wesigcawu samalungelo abantu ka-2023. Uma ubuka lezi zigigaba, yilezo ezifika ezindlebeni nasemehlweni abantu baze babike ngazo. 

    Kungani abansundu babukeke njengabantu ababekezelela bonke ubunzima?

    Zonke lezi zigigaba zimelene nomthetho obalulekile wezokulingana. Uma singalwelanga ukulingana, kanti yini lena esayilwela uma kusaqhubeka ukucwasana? Kungani thina abansundu sibukeke njengabantu ababekezelela bonke ubunzima lobu? Kukhona okumele kwenziwe ngale nto, uma kungenjalo sihleli phezu kwentabamlilo engaqhuma noma yinini. Into ebuhlungu wukuthi sihlukumezeka ezweni lethu, kakukho lapho esingabalekela khona.

    UMnumzane Callistus Bheki Nkwanyana uneziqu zeMasters in Governance and Political Transfor-mation. Wayengumqondisi eKZN office of the Premier: Community Partnership and Moral Regene-ration.Ungumbhali wencwadi: “Talking to yourself, the journey to self-discovery”

    Uyatholakala ku: nkwanyana-cb60@gmail.com /0665445466 Ucingo/ WhatsApp

    Previous articleUbabaza ukuba yimbumba kwabantu onikelelwe u-R56 000 ukuhlanza izinso
    Next articleOwakhuliswa yiBucs usanethemba lokubuyela kwiPremiership