‘Mayithathelwe phezulu eyokunukubezwa kwabesilisa’- oyomela elakuleli eDubai

251

THANDOLUHLE NGUBO

LITHOKOZISWE ukuthola ithuba eliyingqayizivele ibhungu lase-Mgungundlovu, elithole isimemo sokuba yisikhulumi kwingqungquthela i-Best Diplomant Conference, ehlelwe yi-United Nations Educational, Scientific and Cultural Organization (UNESCO), ezobanjelwa e-Dubai, ngomhlaka 17 kuya ku-21 kuNhlaba (May) nonyaka. UMnu Lusanda Sikhakhane (20) utshele leli phephandaba ukuthi lesi simemo usithole ngenxa yomsebenzi wakhe awenza ngenhlangano yakhe engenzi nzuzo i-The LES Foundation egxile ekugqugquzeleni abantu besilisa abake baba yizisulu zokunukubezwa ngokocansi ukuba baphumele obala ukuze bathole usizo olufanele, mahhala.

“Ngo-2022 nganquma ukusungula le nhlangano ngenhloso yokusiza abantu besilisa abayizisulu zokudlwengulwa. Ngeke sikubalekele ukuthi lena yinkinga eyenzekayo lapha eNingizimu Afrika, kodwa enganakekile ngoba isikhathi esiningi izigameko zokudlwengulwa zinakeka kwabesifazane nezingane. Uma laba besilisa sebephumele obala, siyaye senze yonke imizamo yokuthi bathole usizo ezinhlakeni ezifanele,” echaza.”

Uveze ukuthi inhlangano yakhe ibambisene kakhulu noMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi, KwaZulu-Natal kanye nezinye izinhlaka ezifaka phakathi abeluleki benqondo, njengoba isehlo sokunukubezwa siyihlukumeza inqondo, okwenza ezinye zezisulu zigcine sezinodlame.
“Okuhle ngale nhlangano ukuthi kunosonhlalakahle esisebenzisana nabo esibahlinzekwa nguMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi, kanye nabeluleka ngokomqondo. Kuba kwisisulu ukuthi sithanda ukuqale sibonane namuphi kulaba, kanti azikhiphi mali ngokubonana nabo,” kusho uSikhakhane.

Eqhuba, uveze ukuthi isimemo sokuba yingxenye yale ngqungquthela simthokozise kakhulu, nje ngoba ezoshiyelana inkundla nabanye bakwamanye amazwe. Uthi inkulumo yakhe izobe igxile kakhulu kukona ukunukubezwa kwabantu besilisa.

“Uma ngibheka ohlwini yimi ngedwa ozobe emele iNingizimu Afrika. Ngizobe ngikhuluma ngakho lokhu engikwenza kwi-foundation ngoba kungenye yezinto ezigcina zidale obunye ubungebengu uma zingalungisiwe. Kwesinye isikhathi othola omunye esenukubeza abanye ngenxa yesilonda esingalaphekile esingaphakathi kuye, omunye abe nolaka nasezinganeni zakhe uma eshadile, nokuholela ekwandeni kwamacala odlame lobulili,” echaza.

USikhakhane konke sekumi ngomumo ohambeni lwakhe njengoba zonke izindleko zohambo zikhokhelwe yizinhlangano i-Aurum ne-Uthingo Network, ezingezinye zalezi ezilekelela ngosizo lwezomqondo kwinhlangano yakhe. Uthi unethemba lokuthi le nkinga izogcina ithathelwa phezulu njengezinye kuleli.

Previous articleOdokotela bathi kabasazethembi izethembiso zikahulumeni
Next articleUsezibeka phansi izintambo umethuli wezindaba kuSABC 1