bhedlindaba “vvo” mkhize
CISHE ngisheshile ukuphawula ngohlelo lukamabonakude oluqale ngoLwesithathu olwedlule kuMzansi Magic, “iZangoma zodumo”, lapho kukhonjiswa imisebenzi yomakhosi abasebancane ababili, ugogo Prudence “Ngwe” Magagula nogogo Makgotso Maweni Makopo.
Sekube nomsindo ezinkundleni zokuxhumana kubelaphi bendabuko, kukhona abathi aluvalwe ngoba kalisho okuyikhona, luthunaza indlela ubunyanga nokwelapha kwesintu okuyiyona.
Umbuzo uthi, iyiphi indlela okuyiyona kithina singabelaphi bendabuko esiyaziyo.
Mhlawumbe mangiqale ngibonge labo gogo ababili njengabantu abasebancane abafundile, bethi befundile bebe bezimele ngokwemisebenzi yabo.
Ngibonga ukungesabi ukuphumela obala ngobizo lwabo nokubalubeka kwalo njengoba bathwasiswa ngogobela babo. Ngiyohlale ngisho ngithi izigodlo kazifani, wena owabona amanyuvesi.
Baphumele obala ngokuqhakambisa umsebenzi wabo abaningi namhlanje abawuvalayo uma ubehlela, abanye bawuthathe njengechilo kumbe ukuzehlisa.
Uyaye uthi kumuntu ngelinye uyothwasa, umbone ehla izinyembezi, hhayi ngoba ekwesaba kodwa ngoba ethi abantu bazothini.
Abanye bancamela ukuvala, abanye bakuguqule uzwe umuntu ezikhohlisa ethi mina ngakuguqula ngakwenza umthandazo ngoba inkolelo kuwukuthi uma ungumthandazi ungcono. Kasikwazi ukukhetha ubuhle ebubini.
Njengoba ngithi mhlawumbe ngisheshile ukuphawula ngalolu hlelo, ngikwenziswa wukuthi ngifuna ukucacisa ukuthi isikhathi esiningi siyatatazela ekuthatheleni abanye abantu izinqumo ngoba sizitshela ukuthi okwethu kungcono, sikhohlwe wugongolo olusemehlweni kithina ngaphambi kokubona olukwabanye.
Lihle iqinino, abelaphi bendabuko bebodwa kabezwani, bengezwani nje, kabafundisani; bengafundisani nje, okwenziwa ngomunye sizitshela ukuthi akukhona ngoba nakhu wena wafundiswa ngendlela yakho.
Sibangaki namhlanje singogobela esithi kayikho into okuthiwa wukuzithwasisela kwedlozi?
Sibangaki namhlanje esithi kayikho into okuthiwa wukuthwasa emanzini?
Uma ngingazange ngembulelwe omunye uzakwethu wembulelwa, kulula kimina ukuba ngithi leyo nto kayikho.
Namhlanje sisahlulwa wukuchaza ukusebenza kwedlozi, ngiyiyeke eyokuthwasa. Uma umuntu eqhamuka esethwasile, baningi abayaye babuze ukuthi usethwase manini usibanibani, wathwasaphi.
Manje kuba sengathi kufanele uma ungenwa yidlozi likukhomba entwasweni uhambe umemeza ukuthi “hhayi bo belaphi nami sekuthiwa mangiyothwasa, sengiyathwasa-ke”.
Masingathi-ke uma sibona uhlelo olufana nalolu bese sigijima sithi maluvalwe, singakaboni nanokuthi luzohamba lufikephi, lugcine luthini.
Okokuqala nje, labo gogo bobabili bathwasisiwe, banogobela babo.
Uthi umuntu uma esethwasile siyaye sithi idlozi beliyothekela impande, bese ithwasa liyisebenza ngendlela yalo.
Sizothini uma sikhala ngogogo othi unenyoka yokusebenza kanti wayinikwa ngabadala?
Masingathi ngoba singathwasiswangwa ngokunikwa inyoka bese sithi uthwele.
Kunensizwa eyaphuma nenyoka oThukela, omakhelwane bathi ithwele, ngakho ukungazi nokungaqondi.
Inkinga esinayo wukuthi kasiziniki isikhathi sokusebenzisa umqondo siyicubungule into, siphinde siyibheke macala wonke, siyagijima sinqume ngokucabanga kwethu nangokufuna ukuzanelisa.
Okukhulu okufanele sikukhumbule, yebo izikhathi kaziguquki kodwa kuguquka abantu.
Isimo sokuphila sanamhlanje kasisefani nesakudala, uma wawazi isangoma esasibhula ngamathambo nabalozi, namhlane usuzwa kuthiwa kukhona esibhula ngeselula bese wena uthi wumbhedo lowo.
Inkinga inawe ngoba idlozi lomuntu lisebenzisa noma yini eliyidumbe ngaleso sikhathi.
Kungakho-ke ngiyaye ngithi masiyiyekeni eyedlozi neyokuthwasa, singayixoxi ngoba ijulile ingaphezu kwethu.
Ngesikhathi ngithwasa, ngatshelwa ukuthi ngiyosebenza ngalo idlozi kodwa engiyoze ngife ngibuyele kubona abadala ngingaliqondi ithongo, idlozi nokuthwasa.
Ngakho-ke, labo gogo baphila esikhathini sanamhlanje, sekukhona izinto eziningi ezazingekho emandulo, baphinde bathwasiswe ngamadlozi abo hhayi awethu anendlela yawo yokwenza izinto.
Ukuthwasa kuyimfihlo yomuntu nomuntu, idlozi liyimfihlo yomuntu nomuntu nesigodlo nesigodlo, indlela yokusebenza kayifani, kayisoze yafana.
Kungakho amathwasa amaningi athi esethwasisiswe bese ephuma esethuka ugobela ethi udlale ngawo ngoba into esuke isemakhanda awo ngesikhathi ethwasa, yimali, wukusebenza abantu nodumo.
Uhlelo-ke “Izangoma Zodumo” ngilushayela ihlombe ukuba khona kwalo, nogogo abathe bazijuba ukuphumela obala ngento yethu yase-Afrika, ukuthi bayenza kanjani, akusinqumo sethu leso esingasikhuluma ngoba nathi esenza ngakho baningi abangakubuza ngoba bengazi.
Make siludedele uhlelo luqhubeke, sikhulume sesibone kahle okwenzekayo.
Bhedlindaba “VVO” Mkhize.
Umengameli/umsunguli
we-Umsamo Institute nesigodlo saseMlambomunye
www.umsamo.org.za