INKAMPANI eyenza ukudla okusheshayo i-McDonald’s South Africa isinohlelo olukhuthaza ukuba khona kwezivande zemifino ezikoleni kuleli. Kuthangi nayizolo ILANGA libe nethuba eliyingqayizivele lokumenywa yile nkampani ukuyobona loluhlelo ezikoleni ezimbili ezixhasile kiulolu hlelo. Lezo zikole yi-Sparks Estate Senior Secondary School ese Berea eThekwini ne Bhekisisa High eseNtuzuma, okuyilokishi elisenyakatho yeTheku.
SPARKS ESTATE SENIOR SECONDARY SCHOOL
Isikole elihambele kuqala kuso kube yi Sparks Estate senior Secondary Lapho lifike lamukelwa ngezandla ezifudumele ngu Nkk Zama Zulu ongomunye wothisha abafundisa lapha. Eyilanda indaba yokuzaleka kwalombono uthi empeleni ukuba khona kwesivande semifino esikoleni yinto eyayisenhliziyweni yakhe kusukela efika lapha ngonyaka ka 2004. Wafica kunegumbi elalisetshenziselwa isifundo sezokuphatha amakhaya, phecelezi Home Economics, futhi sinayo yonke impahla edingekayo ukuqhuba izinhlelo zalesisifundo nokho eyayingasetshenziswa ngenxa yokuba sesayeka ukufundiswa lesisifundo.
Kuthe ngonyaka ka-2022 wethuka esethintwa ngabenkampani yakwa McDonald’s South Africa mayelana nokuqala uhlelo lwesivande semifino kulesi sikole. Okwamanje zimbili izikole lapha eThekwini ILANGA elibe nethuba lokuyobona kuzo lolu hlelo oluxhaswe yinkampani. Nebala mhla ka 10 kuMandulo 2022 ifikile le nkampani izolungisa indawo okuzotshalwa kuyo futhi yashiya nezithombo zemifino yohlobo lwe spinashi nolethisi. ILANGA lizibonele ngawalo amehlo le ndawo esilungiswe kahle yahlukaniswa iziqinti ezincano okutshalwa kuzo izinhlobo ezahlukene zemifino. Lona wumsebenzi owenziwa nethimba labafundi ngokudedelana uNkk Zulu aabika ukuthi bayaluthokozela ulwazi abalutholayo kulolu hlelo.
Ngaphandle kokulekelela ngokulungisa indawo ekhonjwe yisikole, lenkampani inikezela ngezithombo nomanyolo kanjalo nezindlela zokulima. Kunjalo nje yabuye yahambela kulezi zikole ukuyocobelela abafundi ngolwazi lwempilo nangokunakekelwa komhlaba esiphila kuwo. Okuhamba phambili kule nkampani wukusiza ekuphenjweni kwalolu hlelo bese isikole sisala siziqhubekela ngendlela esifisa kwenzeke ngayo izinto ukuya phambili, kusho uNkk Zulu.
Uthi afisa ukukubona kwenzeka esikhathini esizayo wukuba kufike ochwepheshe abahlola uhlobo lwenhlabathi ukuthi ilungele ziphi izitshalo ukuze bazizame nezinye izinhlobo zezitshalo. Esivunweni sokuqala semifino esilungele ukusetshenziswa, uNkk Zulu uthe ingxenye yayo bayikha yanikwa abafundi abakhethwe ngoba bevela emakhaya lapho imindeni yakhona idonsa kanzima ngenxa yokweswela, kanti enye ingxenye yathengiselwa othisha abafundisa kulesi sikole kwathi imali etholakele yaba ngeyesikole. Uphethe ngokuzwakalisa ithemba lokuthi nxa luqhamuka olunye usizo lokuxhasa lo msebenzi angakuthokozela ukuba lesi sivande sinwetshwe ukuze kutshalwe ezinye izitshalo, kakhulukazi lezo ezizoxosha indlala emakhaya njengeklabishi, amazambane nokunye okunjalo.