Mngqithi: “Siyinqobele noMosimane i-Al Ahly”

1253

Uthi uJingles uhlale ethi basadlalisa ibhola lakhe

SENZO SOKHELA
UMQEQESHI weMamelodi Sundowns uManqoba “TV” Mngqithi uthi kakumethusanga nakancane abafike bakwenza e-Egypt, bebevele bekuhlelile. IDowns iguqise i-Al Ahly ngo-1-0 emdlalweni kaGroup A kwiCaf Champions League ngoMgqibelo kusihlwa eCairo. Igoli leDowns libhajiswe ezintanjeni nguThapelo Morena ngomzuzu ka-85. Lo mphumela ubeke iDowns esicongweni sika-group A ngamaphuzu awu-7 emidlalweni emithathu. UMngqithi uthi kakubethusanga nakancane okwenziwe ngezakhe kule kilabhu ehlonishwa i-Afrika yonke. Ukunqoba eCairo bekuvele kuyinto esohlelweni lwethu. Besifuna ukunqoba ngazo zonke izindlela.


“Nokho indlela esidlale ngayo kulo mdlalo kayifananga neyangonyaka odlule. Nyakenye sadlala kahle kakhulu. Kulo mdlalo besi-linyalelwe yinqwaba yabadlali, besishayekile kwezinye izindawo. “Siye kulo mdlalo siyazi i-Al Ahly lapho inamandla khona. Sila-hlekelwe yinqwaba yabadlali abavamise ukuqala imidlalo. “Kulimale uDennis Onyango unozinti wethu kwazoba nguMosa Lebusa osikorelile nyakenye ekhaya. “Siphinde salahlekelwa ngu-Erwin Saavedra nabagadli bethu ababili uGift Motupa noPavola Safranko ngeviki elilodwa. “Kodwa ke sijabule ngokunqoba eCairo, kufanele sisho kodwa ukuthi yiwini nakumqeqeshi uMosimane ngoba nguyena oqale isisekelo futhi naye uhlale esho ukuthi le kilabhu isadlala ibhola lakhe. Uma i-Ahly ihlulwa, thina sinqoba, kusho ukuthi naye usanqobile,” kusho uMngqithi.

Previous articleUgeqa amagula umsolwa ecaleni lokufa komndeni
Next articleIngcindezi idla buthule kwabaningi