Nami bengizowuduba umdlalo, okwakobani ukugijinyiswa yiSundows ungaholile!

    271

    NGOSIBA LUKA: REV MKHEKHELEZI

    IQOPHE umlando omubi iMoroka Swallows, iThe Dube Birds esaphothwa nguRev Mkhekhelezi ihluleka wukuya emdlalweni wayo neMamelodi Sundowns obekufanele ube namhlanje ePretoria ngo-19h30 kanti kayilubhadi nakoweLamontville Golden Arrows, ebizowugijimela ekhaya mhla ka-30 kwephezulu. Lokhu sikuzwa ngePremier Soccer League (PSL) khona namhlanje.

    Yize singekho isizathu esinqala esibikiwe ngokubhuntsha kwale midlalo, kodwa yindaba esematheni njengoNgizwe Mchunu, umntaka Mantombela – okhulume amazwi anenhlabathi, amumethe ukubandlulula ngokobuzwe, wajika waxolisa kuhle kwendoda edlisiwe – eyokuthi abadlali beSwallows sekuphele amasonto bengaholile. Hhayi iNkos’ impela, nami bengizowuduba umdlalo, okwakobani ukugijinyiswa yiSundowns ungaholile! Ungathi ijulukisa o-Al Ahly behola izindodla!

    Kulindeleke ukuba-ke iSwallows ibhaxabulwe ngemvubu ngokwemukwa inqwaba yamaphuzu ngale mbedumehlwana eyenzile. Uyazi yasiphoxa into! Imithetho-ke yePSL, kayiyikhulumi nhlobo eyemvubu, ithi nje uma wehluleke wukuya emdlalweni – ngaphandle kwezizathu ezicacile – ikilabhu ingaxoshwa nokuxoshwa kwiligi, iyobhuquza laphaya ezihlabathini zePhilly’s Games, eTembisa.

    Ewu, siyabonga nje ukuthi iSwallows ibizodlala neSundowns, ukube ibizodlala neKaizer Chiefs noma i-Orlando Pirates, ngabe sivelelwe sihlekwa, kuthiwa sibasabile. Ewu, uyalazi ihlazo likamakoti ovuka elawini likamahlalela wakwamakhelwane? Yilona-ke leli elenziwe yiSwallows.

    Ngiyazisa weMayimbi, mkhulu kamkhulu, ngeminyaka ewu-32 yonke engiyimoshe ngisaphotha oSwallows bekhona oLamontville Golden Arrows! Ngiyazicelela dadewethu Mato Madlala, thumela nje noma undodakazi lapho, uNonceba azongisayinisa amafomu obulungu. Mhlawumbe uyobuya esekutshela nombala wezinkomo zasemaChunwini. Vele icishe ifane le nto Swallows, Arrows. Awu! Ewu! Hhayi.

    Hikhensile ngopfu ma-Afrika!

    YIBO laba oNzwakele, iDube Birds eyaduba imidlalo kwancinza amakhwapha kuRev Mkhekhelezi.

    Previous articleIfu elimnyama ephalamende kushona ilungu engozini yemoto
    Next articleEzibuhlungu “uyise” weSarafina edlula engozini yemoto