Nangu u-Anele Ngcongca ebengimazi

394

Ubefuna ukusiza intsha yakuleli iyodlala e-Europe

LINDA XIMBA

U-ANELE Ngcongca udlule emhlabeni esemabhukwini eMamelodi Sundowns nokho ebisimbolekise oSuthwini kule sizini. 

KUKHULU abesafuna ukukwenzela unobhutshuzwayo waseNingizimu Afrika u-Anele Calvin Ngcongca oshone ngokuzuma engozini yemoto enyantisayo esendleleni eqonde eThekwini ebuya eMpangeni ngoMsombuluko ekuseni.

Phakathi kwamanye amaphupho abenawo, ahlebela ngawo leli phephandaba, wukuwelisa abadlali bakuleli beyodlala eBelgium nakwamanye amazwe aphesheya. 

Ubekusho lokhu ngeqholo lokuthi abadlali abedlala nabo e-Europe sebengabaqeqeshi kanti abanye sebengama-scout futhi unobudlelwano obuhle nabo.

Yize bengingasondelene naye kakhulu kodwa engikufunde kuyena kule minyaka eyishumi ngimazile, wukuthi ubengumuntu wabantu futhi engesabi ukwelula isandla ukuze omunye umuntu asizakale. 

Ngizizwa ngikhethekile ukuthi bekulula kimina ukuxhumana nalo mdlali ebengingambala eqoqweni elilodwa noJohn “Shoes” Moshoeu, uThomas “Shintsha” Madigage noHelman “Midnight Express” Mkhalele ngendlela abeziphatha ngayo ngobunono enkundleni nangaphandle kwayo.

Ubengezwani nokuxokozela

Umsindo naye bekungamanzi namafutha. Yize abesehambe elide ibanga edlala emazingeni aphezulu, egudlana amahlombe nezihlabani zakwamanye amazwe, kodwa ubengeke umbone ezikhukhumeza. 

Ukumqonda kwami kwangconywana kuqale esevele edlala eBelgium lapho afike waphephezelisa ifulegi lakuleli amasizini awu-9 kwiGenk esuka kwi-FC Fortune ngo-2007.

Kwesinye isikhathi bengimsebenzisa njengomthombo wami othembekile ukuthola ngokuqhubekayo ngabadlali bakuleli eBelgium.

Ngikhumbula engihlebela ngomunye umdlali wakuleli onekhono eliyisimanga, owafika wagila izimanga eBelgium kodwa indlela ayeziphatha ngayo uma engekho enkundleni, yayimsondeza eweni.

Odabeni engalwenzela lona leli phephandaba likaMafukuzela, uNgcongca waveza ukudangala kwakhe ngendlela lo mdlali, ongumkhaya wakhe eWestern Cape, ayesengcupheni yokumosha ikhono lakhe ngayo.

UPitso “Jingles” Mosimane osengumqeqeshi we-Al Ahly yase-Egypt, ube nesandla ekutheni uNgcongca aqome iMamelodi Sundowns esikhundleni seKaizer Chiefs eyayimgaqele kabi.

Obekuchaza uMosimane kuNgcongca

“Isipiliyoni sakhe sokudlala kwi-Uefa Champions League ngangisidingela ukunqoba iCaf Champions League. Ngangifuna umuntu ozodlala ophondweni lwesokudla emuva, maphakathi emuva nasesenta esiswini ngoba ubephiwe ukungalilahli kalula ibhola,” kusho uMosimane.

Ebhonga emswaneni eseCairo, e-Egypt, uMosimane ubezwakala ukuthi ushayekile. “Ngiqale ukusebenza naye kwiBafana Bafana. 

“Abanye abantu bebekade bengaliboni iqhaza lakhe. Ukuba kangihambanga kwiSundowns ubengeke abolekiswe ngoba bengikholelwa kakhulu kuyena.

“Okunye obekungihlaba umxhwele ngaye wukuthi ubewumholi e-dressing room, enkundleni nangaphandle. Buza uThapelo Morena ukuthi ubehlala emgqugquzela kanjani yize bebebanga ijezi naye. Kakuyona into elula ukuthi umdlali oneminyaka ewu-32 njengaye, adlale ngokuzimisela sengathi usemncane. Leya ndawo yasemuva abeyidlala ibidinga uhlale uwumqemane ngoba kuyagijinywa laphaya. Okunye futhi ubewuthanda umndeni wakhe enjalo nje,” kusho uJingles.

Kangikhohlwa engiqhatha nabangani bami

UMosimane uphethe ngokuthi njengoba uNgcongca ubefunwa uthuli ikilabhu yaseBelgium edlala kwiSecond Division, kuyacaca ukuthi ubuholi bakhe bebudingeka kakhulu phesheya.

UThulani “TT” Thuswa owasebenza noNgcongca kwiSundowns njengomxhumanisi wabezindaba nomphakathi, udwebe esinye isithombe ngaleli qhawe.

“Ubenenhliziyo emnene u-Anele. Ngikhumbula sinqobe iligi, wapha phi abadlali imali ngoba babengawatholanga amabhonasi. Bekuthi ngoxhaso lwakhe lwakwaNike athengele abadlali abasuke bevalekile ngaleso sikhathi. Bambalwa abadlali abangenza leyo nto,” kusho uThuswa.

UNgcongca ubengipha amathikithi uma ehamba neBafana Bafana noma neSundowns emidlalweni yomkhumulajezi, kuzodlalwa eThekwini. Wake wangiqhatha nabangani bami, okubalwa kubo noMbulelo Baloyi osebenzela uMnyango wezeZindlu KwaZulu-Natal. Indaba yonakala ngesikhathi umfokaNgcongca esebhala kuFacebook ukuthi sengingaya eLangeni Hotel ukuyolanda amathikithi amane engangimcele wona, ngizowathola e-reception.

Waphawula ‘ebaleka’ ngobudlelwano noMshoza

Sengimtshela ukuthi “ungifake ngaphansi kwebhasi” ngokushiya loya mlayezo kuFacebook, wavele woma yinsini, wathi ngiyayaleka, bekumele enze njani ngoba ocingweni bengingasatholakali.

Ukumgcina kwami ukubonana naye ubuso nobuso kwakusemcimbini wama-PSL Awards e-ICC eThekwini ngonyaka odlule. Ngamqonda ngqo ngambuza ngomjolo wakhe nomculi we-kwaito, uMshoza (naye osanda kudlula emhlabeni). Akananazanga engiphendula ethi: “Yooh Grootman, lowa cherry ucishe wangibhayizisa. Mara sengimyekile, sengibuyele kwi-Vrou yami. It’s history leya nto maan.”

Washo kanje ‘umambana’ maqede wangivala ngokuthi ucela sihlangane ndawana thize lapho “okwakuzodabuka khona ibhulukwe kuze kuse” kwazise phela kwakubungazwa ukuthi iSundowns yayiyizingqwele zeligi. Nami ngavele ngaphuma ezindabeni zakhe zangasese, ngalandela umyalelo.

Kulila ngisho abeMan Utd neReal Madrid

Ngisho nabadlali abadumile abasemabhukwini amakilabhu amakhulu bakhihle isililo ngo-Ngcongca. 

Unozinti weReal Madrid yase-Spain uThibaut Courtois noKevin De Bruyne weManchester United yase-England bamchaze njengomuntu obehlale efaka umfutho eqenjini futhi ehlale emamatheka.

Ngaphambi kokuyozakhela igama eBelgium, wake wazama inhlanhla kwi-Arsenal yase-England kodwa kwangalunga. Nokho uhambe eyibekile induku eBelgium njengoba ehlabane ngesicoco seJupiler Pro League, iBelgian Cup neseSuper Cup amahlandla amabili. Ikhono lakhe lenza wafakwa kwiTeam of the Decade njengoba agudlana amahlombe nabadlali beqophelo eliphezulu kudlalwa kwi-Uefa Champions League.

Ushona nje, besihlele ukuthi sibonane eMhlanga enyakatho yeTheku lapho abezohlala khona njengoba ubesebolekiswe kumaZulu FC isizini yonke. 

Besihlose nokuthi uma engekho matasa ngizomfaka eNanda ngimbonise ukuthi ilokishi azalwe kulo iGugulethu eCape Town, kaliliboni elidlalayo (eNanda). 

Lala ngokuthula yise kaSethu, myeni kaLinda. Uyibekile induku ebandla Mhlekaz’ omhle!!

Previous articleUtah akayingeni eyezindawo zobumnandi uG65
Next articleKushone isilomo sebhola lomhlaba uDiego Maradona