ngase iqalwe phansi imidlalo e-Europe

656

Isikhulu se-Uefa sisikaza ukuqalwa kwesizini entsha

KUNGASE kuphele nya ngemidlalo yale sizini yase-Europe nxa inganqandeki i-coronavirus emise izinto eziningi emazweni amaningi.

Amaligi ase-Europe nakwamanye amazwekazi, amisiwe ngenxa yokuhlasela kwalesi sifo. 

U-Aleksander Ceferin (osesitho-mbeni) onguMengameli we-Uefa, okuyinhlangano ephethe unobhutshuzwayo e-Europe, usephumele obala ngokuthi amaligi kungenzeka afane nento engakaze idlalwe kule sizini nxa isimo singanqandeki.

“Sinazo izinhlelo zokuhlenga le sizini ukuze ingafani nento engekho. Sihlele ukuqalisa imidlalo phakathi nenyanga kaNhlaba (May) noma ekupheleni kukaNhlangulana (June). Sizozama ukuqhamuka neqhinga lokugcina, kodwa nxa lingaveli sizophoqeleka ukukhansela konke okuthinta le sizini,” kusho lesi sikhulu.

Siqhubeke sathi: “Sesikhande uhlaka oluzobhekela ikhalenda elisha lokuqaliswa kwemidlalo emaligini ehlukene ase-Europe. Okushayisa kakhulu ngovalo wu-kuthi akekho owaziyo ukuthi lesi sifo sizonqandeka nini. 

“Nokhoke siyaxhumana namakilabhu nazo zonke izinhlaka ezithintekayo ngokungase kwenzeke. Nathi esisemkhakheni wezemidlalo kufanele silinde njengayo yonke imikhakha ngoba miningi eshayekile ngenxa yokubheduka kwalesi sifo,” kuqhuba uCeferin.

IFootball Association yase-England isithathe isinqumo sokukhansela wonke amaligi amancane kule sizini. Sekuqinisekisiwe ukuthi asefana nento engekho. 

NaseNingizimu Afrika kunemvunge ngokungase kwenzeke nge-Absa Premiership nxa isimo siqhubeka nokubhebhetheka. Kumanje kuvalwe yonke into ezweni ukuzama ukunqanda uku-bhebhetheka kwalesi sifo.

Previous articlesekushone abantu ababili ngosomqhele (coronavirus)
Next articleuchitha eyokushintshana ngabadlali owe-munich