ngebhe ezweni ngokuvulwa kwezikole

939

Ibhekwe ngabomvu inkulumo kangqongqoshe

MTHOBISI SITHOLE

UNGQONGQOSHE wezeMfundo eyisiSekelo, uNkk Angie Motshekga, uzomemezela izinhlelo zokubuyela esikoleni namuhla ngoLwesine. ISITHOMBE:YINQOLOBANE YELANGA

KUBUKEKA ushaya ungqimphothwe uMnyango wezeMfundo eyisiSekelo ngokuvulwa kwezikole emuva kokuba izolo ngoLwesithathu isekelangqongqoshe lalo mnyango, uMnu Makgabo Mhaule, lisho okwehlukile kokutshelwe abezindaba ngo-Lwesibili. 

UMnu Mhaule uthe emuva kokuba bethule uhlelo lokuthi izikole zivulwe mhla ka-6 ku-Nhlaba (May), isigungu esiphezulu namalungu ephalamende baluchithile lolu suku. 

Lokhu kuvezwe njengokuthi umnyango ubeka engcupheni impilo yabantu ngenxa yokufuna lo nyaka ungalahleki. 

“Ungqongqoshe (uNkk Angie Motshekga) uyokwethula uhlelo uma luphasisiwe, izingane zizobe zisesikoleni mhla ka-18,” kusho uMnu Mhaule. 

Uthi othishanhloko nezigungu ezilawula izikole bazovula ngesonto elizayo, beyobheka izidingo zezikole ukuze bafike othisha konke sekusesimeni esifanele. 

Kwenzeka lokhu nje, izikole eNingizimu Afrika zizovulwa ngaphansi kwemibandela nemigomo okumele ilandelwe ngaphambi kokuba luqale uhlelo lokufunda nokufundisa. 

Kulindeleke ukuba izikole zivulwe ngokwehlukana kwezigaba. Bekubhekwe ukuba zivulwe mhla ka-6 kuNhlaba (May) ngo-Grade-7 no-Grade 12 kuphela okwamanje. 

Ngokohlelo olwethulwe ngoLwesibili, kuthiwe uma abafundi sebebuyela esikoleni, kalikho ikilasi elivumeleke ukumumatha abafundi abangaphezulu kuka-40. Abafundi ngeke bahlale babe ngaphezulu kwababili edeskini. 

Izikole ezinabafundi abaningi zizohlinzekwa ngamagumbi angomahambanendlwana abayisibambiso kuzona zonke izifundazwe. 

Kuvezwe ukuthi ezikoleni kufuneka amanzi njengoba kune-zisezindaweni ezibhekene nenkinga yesomiso. 

IKwaZulu-Natal ne-Eastern Cape yizona izifundazwe ezihamba phambili ngokushoda kwamanzi. Zibalelwa ku-3 475 izikole ezidinga usizo lwamanzi; zilinganiselwa ku-2 500 KwaZulu-Natal zibe wu-1 000 e-Eastern Cape, kulandele iLimpopo. 

Abafundi bazohlolwa ngaphambi kokungena emagcekeni esikole, izithuthi zabo zizohlanzwa ekuseni ngaphambi kokuba bagibele noma sekuphume isikole. 

Kuthiwa kumele kwengezwe isibalo sothisha abazoqashwa ukuze kuliwe nesibalo esiningi sabafundi emakilasini, kuncishiswe nengcindezi kothisha, kwengezwe izikhala zothisha abazobanjelwa emsebenzini labo okubonakala ukuthi abaphilile kahle empilweni (Substitutes), kwandiswe isibalo sezisebenzi ezizohlanza amagumbi esikole nokunye. 

Kuvezwe nokuthi abafundi kabavumelekile ukwangana, bazoqashelwa ukuthi kabaxhawulani, akangeni umfundi ebhasini ngaphandle kokuhlanjwa izandla kanti nasemabhasini sizoncipha isibalo sabo ukuze baqhelelane uma behleli. 

Kuzophoqeleka ukuba uthisha nomfundi bagqoke isifonyo (mask) usuku lonke kuze kuphume isikole kanti nezikole zizohlanzwa. 

Imicimbi ehlanganisa abafundi; okungaba eyemidlalo, amakwaya nama-festival kayivumelekile. 

Ngokwemithombo yabezindaba, othisha uma befuna ukufundisa izikhathi ezengeziwe (extra classes), kumele baqinisekise ukuthi isibalo sabafundi sincane futhi kabasondelani.

mthobisis@ilanganews.co.za 

Previous articleImsizile iCovid-19 uNomuzi Mabena
Next articleI-PSL iphumela obala ngemidlalo