UDkt Mkhize ugqugquzela ukuqiniswa kwamatomu okuzivikela
BONGINKOSI ZONDI
EZAKAMUVA ngobhubhane iCovid-19 zithi bawu-9 abantu osekuqinisekisiwe ukuthi badlulile emhlabeni ngenxa yalo, kanti ababili kakukaqinisekiswa ukuthi ngabe nabo babulewe yiyona noma qha.
Okunye osekwenzekile kusukela ngoMsombuluko odlule wukuthi uhulumeni useyixegisile eminye imibandela yokunyakaza kwabantu kulesi sikhathi sokugonqa izinsuku eziwu-21 ngokuba kuvunyelwe ukusuka esifundazweni uye kwesinye kwabahambela imingcwabo kuphela. Khonamanjalo, isibalo sabahaqwe yileli gciwane iCovid-19 sesinyukele ku-1585 ngesikhathi soku-bhalwa kwalolu daba, obekusho ukwenyuka kwesibalo ngabantu abawu-80 izolo ngeSonto.
UNgqongqoshe wezeMpilo kuzwelonke, uDkt Zweli Mkhize, uzwakalise ukukhathazeka ngokuthi lokhu esisakubonile eNingizimu Afrika kusekuncane, kusewumshisanyongo, kwazise isimo sisazobanzima kakhulu.
ISEXWAYISO
Nakuba lezi zibalo zingabukeka ziphansi, uDkt Mkhize wexwayise umphakathi ukuba ungaxegisi amatomu njengoba kusesekuseni kakhulu.
Okuyikhona okuletha ukukhathazeka wukuthi isikhathi somkhuhlane onyakeni siyasondela ngokushesha. Izibhedlela sezinxusiwe ukuba zinciphise isibalo seziguli futhi kukhishwe imishanguzo yezifo ezingamahlalakhona, ezothatha izinyanga ezimbalwa ingakapheli ukuze kunciphe isibalo sabazohambela ezibhedlela.
Lokhu uDkt Mkhize ukusho ngesikhathi ehambele e-Universitas Hospital eMangaung, eFree State kulandela izinsolo ngendumezulu yenkonzo ebikade ikhona emasontweni ambalwa adlulile.
Ezithendeni zayo kuvele ukuthi ku-khona abebethamele le nkonzo kamuva okuvele ukuthi sebehaqekile yi-coronavirus, phakathi kwabo okubalwa abefundisi abadumile, uMfu Kenneth Meshoe, oyilungu lephalamende futhi ongumholi we-ACDP, noMfu Angus Buchan waseGreytown, ongumlimi nowaziwa ngezi-ntshumayelo esite-shini sikamabona-kude, iTBN Africa.
UKUTHINTEKA KWEMPILO YOMPHAKATHI
Isithombe sobunzima bale mpi izwe elibhekene nayo sicaciswa yizinyathelo eziyingqophamlando ngosekwenziwe wuhulumeni ukuze kunqandwe ukubhebhetheka kwaleli gciwane. Phakathi kwalokho singabala lokhu okulandelayo:
* ukuvalwa kwesigaba esamukela abangeniswa ngaphansi kwezimo eziphuthumayo eSt Augustine’s Hospital eThekwini;
* ukukhishwa okwesikhashana kwabasebenza esiteshini samaphoyisa eFolweni, eningizimu yeTheku, emuva kokuba elinye ilungu lombutho wamaphoyisa asebenza khona belikade lilaliswe eSt Augustine’s lihloliwe kwatholakala ukuthi selihaqwe yileli gciwane;
* wukungabi nasiqiniseko ngokuvulwa kwezikole nxa sekudlule ikhefu lesikhathi sePhasika kanjalo nezinsuku eziwu-21 zokugonqa ezibekwe wuhulumeni.
* Nayo-ke indaba yokugonqa kwezwe lonke kusale kuphela abenza imisebenzi yokufeza izidingonqangi emphakathini.
UKUQWASHISA
Njengakwezinye izimo zenhlekelele ezifuze lena yegciwane iCovid-19, kumqoka ukugcizelela amaphuzu esimemezelo sokuqwashisa esisuke senziwe wuhulumeni. Nakulolu daba kugcizelelwa ukuba imiyalo kahulumeni yokuqwashisa umphakathi igcinwe ngokufanele nalokho okungafanele kwenziwe ngabantu kulesi sikhathi sokumiswa kwayo yonke into kule mpi nobhubhane lwe-coronavirus:
OKUVUNYELWE
* abantu bavunyelwe ukuyolanda isibonelelo sempesheni kahulumeni
* abantu bavunyelwe ukuyothenga ukudla
* abantu bavunyelwe ukuyofuna usizo lokwelashwa
* abantu bavunyelwe ukuya emakhemisi ukuyothola imishanguzo
* ukubuthana kwabantu abangeqile ku-50 kuvunyelwe uma kunomngcwabo.
OKUNGAVUNYELWE
* awuvunyelwe ukuhambisa inja emphakathini
* akuvunyelwe ukugijima emgwaqweni
* akuvunyelwe ukuthenga nokuthengisa utshwala
* yonke imibuthano kayivunyelwe, kumbandakanya ukuhlangana emigwaqweni nasezakhiweni
* ukuphumela ngaphandle kwemingcele yezifundazwe
* nokuhambela noma iyiphi kulezi zindawo: emapaki, ezindalini zempahla, emachibini okubhukuda, emabhishi, emakilabhini obumnandi, izindawo zokugembula (casinos), ezindaweni zokulala izivakashi (lodges), ema-hhotela, eziqiwini zezinyamazane, nasemathaveni.
bonginkosi@ilanganews.co.za