Kuzoqhubeka uMandla Ncikazi noFadlu Davids ebhentshini leziMnyama
SENZO SOKHELA
USIHLALO we-Orlando Pirates u-Irvin “Iron Duke” Khoza usenqume ukulumisa uhlelo lokuqasha umqeqeshi omusha ngenhloso yokunika ababambile ithuba.
UJosef Zinnbauer obengumqe-qeshi weBucs usule isigubhukane kule kilabhu ekuqaleni kwesizini.
Nakuba engaphumelanga obala ngesizathu esenze washiya kodwa kusolakala ukuthi ibimshisa insi-mbi njengoba imiphumela ibigqoza.
Izintambo zibanjwe nguFadlu Davids noMandla “Mhloli” Ncika-zi abebengabasizi bakaZinnbauer.
Emuva kokuba kusule iZinnba-uer kuthiwa bezingena zilakanyana izicelo ezivela kubaqeqeshi abehlukene abebegaqele lo msebenzi.
Phakathi kwabo kungabalwa u-Adel Amrouche waseBelgium obelolonga iqembu lesizwe laseBotswana, uGavin Hunt oseqa-shwe yiChippa United noSteve “Mphathi” Komphela osethimbeni labaqeqeshi beMamelodi Sundowns.
Muva nje kuvela negama likaCa-vin Johnson ongumsizi kaPitso “Jingles” Mosimane kwi-Al Ahly yase-Egypt.
Leli phephandaba lithole ukuthi uKhoza usenqume ukulumisa kancane uhlelo lokuthungatha umqeqeshi.
“Baningi abaqeqeshi abafake izicelo zokulolonga iBucs kodwa uKhoza akabazwisisi kahle yinga-kho esevele wanquma ukulumisa kancane lolu hlelo.
“Okwamanje uzonika uNcikazi noDavids ithuba baqhubeke nokubamba izintambo.
“Kodwa-ke umqeqeshi angamu-memezela noma yinini ngoba uKhoza amakhadi akhe uwadlalela esifubeni.
“Uyamucabanga uJohnson ko-dwa-ke asilinde yena ngoba akathi vu ngalolu daba,” kusho umtho-mbo.
Imizamo yokuthola uKhoza ukuba aphawule ngalolu daba iphunzile njengoba ucingo lwakhe belungangeni.