Ngeke ashenxe esikhundleni sakhe uMagashule

668

Bonginkosi Zondi

NGEKE anyakaze esikhundleni sakhe sokuba ngunobhala-jikelele we-ANC, uMnu Ace Magashule  (osesithombeni) okulindeleke ukuba avele eNkantolo yaseBloemfontein kusasa ngoLwesihlanu ngamacala abhekene nawo enkohlakalo. 

Lokhu kuvezwe yisekela lakhe kwi-ANC, uNkk Jesse Duarte nomgcinimafa waleli qembu, uMnu Paul Mashatile esigcawini sabezindaba izolo ngoLwesithathu emuva komhlangano wesigungu esiphezulu esibe nawo noMnu Magashule, obekukhona kuwona uMengameli Cyril Ramaphosa nesekela lakhe uMnu David Mabuza.

UMnu Mashatile uthe uMnu Magashule ngeke ashenxe esikhundleni sakhe okwamanje ngoba ikomiti likazwelonke le-ANC lisaphothula uhlaka elizosebenza ngalo emalungwini aleli qembu abhekene nezinsolo zokwephula umthetho. 

Lokhu kwenzeka naphezu kokuba kwamukelwa isinqumo engqungqutheleni ka-53 ye-ANC eyayiseNasrec, eGoli ngo-2017, esithi abaholi ababhekene namacala kumele bashenxiswe emsebenzini wezombusazwe. 

UMnu Magashule unukwa ngokuba nesandla ekubhubhudlweni kwezigidi zamarandi emalini ewu-R255 million eyayihlinzekelwe ukukhishwa kwetsheboya (asbestos) ezindlini zabantu baseFree State. 

Kuthiwa kwagcina kusebenze imali elinganiselwa ku-R21 mi-llion enye yadliwa ngabathile. 

Kulindeleke ukuba uMnu Magashule avele enkantolo nje, abanye abawu-7 abathinteka kuleli cala anukwa ngalo, bebevele izolo, udaba lwabo lwahlehliselwa umhla ka-19 kuNhlolanja (February) 2021. 

bonginkosi@ilanganews.co.za

Previous articleAwePSL kawagudluki kuMato kwesebamba le-CEO
Next articleUzithintele umasikandi obize ezeBhova ngamapaklaza