MFANAFUTHI NDLOVU
SIQINISE idolo abadlali nabalandeli boThongathi FC isikhulu esiphezulu sale kilabhu, uJackson Mojapelo ngokuthi basazoqhubeka nokugcina izivumelwano abanazo nabadlali ngodaba lwamaholo.
Engxoxweni ekhethekile lesi sikhulu esibe nayo neLANGA, sithe kabazimisele ngokwenyusa umthwalo obhekene nabadlali ngokungabaholeli imali egcwele kulesi sikhathi esinzima esibhekene nezwe kwazise uthi nePremier Soccer League (PSL) kayikabatsheli ngezinguquko odabeni lwe-sibonelelo abasithola nyanga zonke.
Uthi abadlali babo bazoyithola yonke imali yabo iphelele nakuba isimo sinzima ngenxa yokubhekana nesifo iCovid-19 ebhubhisa umhlaba wonke.
“Silwenzile uhlahlomali lwesizini obelucacisa ukuthi bonke abadlali bazoyithola imali yabo injengoba injalo.
“Nokho ukufika kwalolu bhubhane kusikhinyabeze kakhulu emgqigqweni wethu. Mhlawumbe abadlali bazozibona kufana nokuthi bayiqala kabusha isizini uma izwe selivuliwe, sesibuyela ensimini.
“Masethembe ukuthi bazobuya ngesivuthevuthe esiqale ngaso isizini. Ngiyazi ukuthi abaningi bazocabanga ukuthi ngiyagigiyela uma ngithi irekhodi lethu lokuqala isizini libe lihle kakhulu okungabuyisa lowo mlingo kubadlali uma sekubuywa. Phela besesithola imiphumela engemihle ngaphambi kokugonqa, silahla amaphuzu singekho isidingo,” kusho uMojapelo.
Uqhube wathi: “Esikufisayo siwuThongathi FC wukuqedela imidlalo ukuze sizibone ukuthi sigcinaphi. Kungaba yinto ebuhlungu kakhulu uma izikhulu zePSL zingathatha isinqumo sokwenza le sizini njengento engekho, kodwa kuzoxoxiswana ngalolu daba ukuze kungabi khona ukukhala.”