noMnu Mkhuleko okhulumela leli qembu, beqhumisa amashampeni bejabulela ukwenza kahle okhethweni lohulumeni basekhaya.
ISITHOMBE NGU: THANDEKA NGOBESE
THANDEKA NGOBESE
ISHAYA phansi ngonyawo i-IFP, ithi ngeke isebenzisane ne-ANC KwaZulu-Natal komasipala abangaqotshwanga qelekeqe ngama-qembu ezepolitiki, abadinga ukubuswa ngokubambisana. IFP ithi i-ANC yayidelela kakhulu ngesikhathi ikhakhansela ukhetho, okwenza kubenzima ukusebenzisana nayo.
Ithi kayizimisele ukusebenzisana neqembu eligubuzelwe yifu lenkohlakalo njengoba ifuna ukusebenzela abavoti ngokwethembeka ukusuka la kuya okhethweni lwango-2024.
Ekhuluma esigcawini sabezindaba ebesisemahhovisi e-IFP, eThekwini, izolo ngeSonto, uMnu Velenkosini Hlabisa ongumenga-meli waleli qembu, uthe njengoba abantu bengazange bayivotele i-ANC, lokho kubatshela ukuthi sebekhathele wukuphathwa yiyona.
“Ukusebenzisana nayo kuyobe kusho ukuthi kasibahloniphi abantu abasivotele, abakhethe thina ngoba sebekhathele yinkohlakalo yayo. I-ANC inqume ukubiza isifunda saseZululand ngoMzala Nxumalo owadelela kakhulu umsunguli we-IFP, iNkosi Mangosuthu Buthelezi, embiza ngayo yonke inhlamba encwadini ayibhala ethi uyivezandlebe akazalwa kwaButhelezi.
“Lokho kakudeleli uShenge kuphela, kudedela ngisho
uMntwana uMagogo (ozal iNkosi Buthelezi). Uma i-ANC ibiza lesi sifunda ngalowo muntu, kusho ukuthi iyakujabulela lokhu akwenza, ukuthuka uShenge.
“Abaholi be-ANC baqambe amanga bathi kabazi ukuthi lesi sifunda sesibizwa ngoMzala Nxumalo Region, ekubeni bazi kahle kamhlophe. Kuningi ukwedelela abakwenzile kwi-IFP be-hlanganisa izinto ezingahlangani ze-IFP nendlunkulu kaZulu,” kusho uMnu Hlabisa.
Uthi iqembu abangeke bakwazi ukusebenzisana nalo elicwasa nangokubuhlanga ngoba kumhlahla-ndlela wabo kabahambisani nokucwasa ngokobuhlanga.
Uqinisekise abavoti ukuthi kulabo masipala i-IFP enqobe kubona, izoqinisekisa ukuthi intuthuko abantu bayiyithola, futhi abasezi-khundleni kabanindeki ngenko-hlakalo.
Uthi lokhu bazokwenza ngokuthi emuva kwezinsuku eziwu-14 ama-khansela efakiwe ezikhundleni, azibophezele esivumelwaneni sokusebenza ngokuzikhandla ukufeza amaphuzu awu-10 abekumhla-hlandlela wabo ngesikhathi bekhankasela ukhetho.
Ezinsukwini eziwu-100 zingenile ehhovisi izimeya, kuzodingeka ukuba zihlolwe ukuthi ziyakwenza yini lokhu ezizibophezele ngakho. Uthe bonke abazongena ezikhundleni; izimeya, amasekela azo nosomlomo, bazoqokwa ngoLwesi-thathu.
Bamenyezeliwe abazohola ithimba elizojutshwa ukuxoxa namaqembu ukuba abambisane ne-IFP komasipala abadinga ukubambisana kwamaqembu. Kuzoba nguMnu Narend Singh, uMnu Thami Ntuli uMnu Mkhuleko Hlengwa noMnu Bonginkosi Dlamini.