ngibona ubudedengu obukhulu kwabomthetho

938

MHLELI; ngicela ungivumele ukuba ngiphawule ngobudedengu obukhulu engibubuka benziwa ngamaphoyisa namasotsha akuleli njengoba izwe livaliwe kuze kuphele uMbasa (April) emizamweni yokunqanda ukusabalala kweCovid-19.

Ngibona obukhulu ubungozi eze-nzweni zabanikwe amandla okuqapha izakhamizi zakuleli uma bewasebenzisa budlabha njengoba kubonakele kwamanye ama-video asabalele ezinkundleni zokuxhumana.

Ukuchitha inyama yomsebenzi okhulunyelwe emsamo notshwala besintu okubikwe ngabo, ngikubuka kuwukudlala ngegeja kuziliwe.

Phela ngikhule umuntu oshisa indlu yabadala ephanjanelwa yikhanda impilo yakhe yonke agcine ngokufa engakaze asinde. Kwesinye isikhathi ubefa, engakaphanjanelwa nayi-khanda.

Namanje ngazi kungadlalelwa nje endlini ephethe umsamo womuzi. Pho abomthetho basithathaphi isibindi sokuyochitha inyama ekhulunyelwe emsamo?

Ngizizwa ngishaywa wuvalo uma ngicabanga amashwa angase alandele bonke abathintekayo esikhathini esifushane esizayo.

Ngokwami, kwanele ukuhlakaza isixuku sabantu, bangajeziswa nangokuboshwa kodwa hhayi ukugxambukela ezintweni ezingabathinti abomthetho. Umndeni ungazinqumela wona ukuthi wenzani ngenyama emuva kokuhlakazeka kwabantu, lokhu kokuyichitha ngikuhlaba impela.

Bajeziswa nje abantu bakithi, cishe bonke abasahlukunyezwe ngabomthetho kabakaze baphume kuleli ukuyolanda leli gciwane emazweni, bafela isono esingene ngabaphila kangcono, abakwazi ukuvakashela amanye amazwe, nabo-ke engingabagxeki ngoba abanye babehambe ngokwamabhizinisi kanti bazosibuyela nalokhu kufa.

Bongani Mthethwa

Previous articleKuningi okungafundwa emsebenzini omuhle kaDkt Mkhize
Next articleMakungabi nokwenzelela kwabaphula oweCovid19