Ngihlangabezane nezimbila zithutha esitolo seSomali

391

SIGUDLA NOGALAKAJANA: ABDUL MILAZI

ABANGENALWAZI baqolwa ngabanolwazi oluncane, kuthi abanoluncane bona bachotshwe ngabanoluthe xaxa.

Lokhu ngikukhunjuzwa yinto eyenzeka ezitolo zamaNdiya namaSomali emadolobheni amancane asezindaweni zasemakhaya. 

Bengiyothenga ukudla kwezisebenzi zenkontileka. Njengenjwayelo, kangiyiphathi imali ewukheshi, ngoba phela siyaswayipha kulezi zinsuku.

Ngingene esitolo samaSomali esithengisela iziphaza, kwazise bengifuna ukukuthenga ngamaqoma ukuze isikwata sidle kuze kuyophela inyanga.

Yimi lowaya ngibiza amasaka awu-5 empuphu ajwayelekile. Lona ongithengiselayo, ubuze ukuthi kungani ngingamane ngithathe isaka eliwu-50kg. 

Ngibambe ongezansi ngoba phela lelo saka mina ngagcina ukulibona ngamehlo ngineminyaka eyishumi ubudala. Phela emuva kwalokho, bese kudume o-12,5kg, mina bengithi kawasenziwa lawa amakhulu. 

Bathe uma bengibuza, ngathi cha ngifisa ukulibona ngosi lelo saka lempuphu. Nangempela balilethile, balithi dinsi phambi kwami. 

Ngikhiphe umakhalekhukhwini ngathwebula isithombe ngasithumela kuFacebook. 

Phela i-social media ngeyezinto ezinjalo. Uma uhlangabezana nento eyisimanga nengajwayelekile, uyilahlela khona, ubuze ukuthi ukhona yini obeyazi ukuthi ikhona. 

Kumangale bonke abantu, bethi nabo bagcina besebancane ukubona le nkunzimalanga yesaka. 

Abanye basho nokuthi kwakukhona ngisho nawesitambu nakabhontshisi. 

Ugogo wami uMaMqadi, yena wayesiphekela isitambu sezindlubu, abuye asiphekele nesikabhontshisi, kodwa wayengaxubi. 

Mina kangizange ngizithande izindlubu ngisemncane, ngangizithandela ubhontshisi. 

Umkhulu uGubekile wayenamasimu amakhulu, ngakho isitambu, ubhontshisi nezindlubu kwakungathengwa. 

Kwakuthengwa nje usawoti, amafutha noshukela wetiye, ngoba wayelithanda yini pho! 

Futhi wayengumfundisi, enesonto lakhe, yingakho nje uma sengikhulile, ngizwa kuthiwa abefundisi bathanda itiye, kangizange ngikungabaze lokho. 

Ngakhula ngikholwa yilokho ngaphambi kokuba ngihlangane nalaba befundisi ababethanda utshwala. 

Kwakukhona nababengahlukani neniphu, ihlala isekhukhwini lebhantshi njengomakhalekhukhwini. 

Athi hashalazi ngaphambi kokuqala inkonzo, bese umbona ejuluka kubanda ebusika. Uma ubuza, kuthiwe ujulukiswa wumoya oyingcwele.

Ukhona esake samthathela iniphu yakhe esashumayela, ibhantshi lakhe elixhome esihlalweni esasingasemnyango, emuva kwephuliphithi. 

Omunye wabangani bami waphuma sengathi uyochama, ‘dluliyani’ nayo iniphu. Sahlala sambuka eshumayela. Uthe uma ecela ibandla ukuthi liqale iculo elizomlinda ngalo, ngoba usaya endlini encane, wadlula wathatha ibhantshi. 

Sambona ebuya ngokushesha futhi ebukeka engathokozile neze. Sahlekela ngaphakathi.

Kodwa-ke sizobuye siyixoxe leyo. 

Ngithe uma sengikubize konke engikudingayo esitolo, ngakhipha ikhadi lasebhange ngalinika lo mlisa okukhokhwa kuyena. 

Ungibuze ukuthi kanginayo yini imali ewukheshi, ngathi cha. Ungitshele ukuthi uma umuntu ekhokha ngekhadi bathatha u-R15 ku-R100 ngamunye emalini oyikhokhayo. 

Ngithe uma ngihlanganisa izibalo, ngathola ukuthi bazongidla uR150 wonke, njengoba 

bengithenga ngo-R1 000. Ngale ngama ngodonga, ngathi imishini yokuswayipha ngeyebhange, kanti awethu amabhange awasikhokhisi. 

Bathe mangihambe ngiyokhipha ukheshi emshinini ngaphandle bese ngibuya ukuzokhokha. 

Ngithe uma ngibuza ebantwini, bathi zonke izitolo zamaNdiya namaSomali zenza wona lo mkhuba ngoba zifuna abantu bakhokhe ngokheshi. 

Kangiboni ukuthi lesi senzo sabo sisemthethweni. Kangisathengi kulezi zitolo, sengikhetha ukuya khona koma-shoping centre, yize ethe ukuba buqamama nasekhaya. 

Previous articleNgiyohlale ngimhlonipha uMsholozi “ngokungaphumi inxiwa”
Next articleAkusensuku zatshwala kwethulwe isabelomali saphakathi nonyaka