Ngiyambonga uyise weNkos’ uJesu ngokuthi kangibanga nguthisha

792

NGOSIBA LUKA-REV MKHEKHELEZI

NGIYAMBONGA uyise weNkos’ uJesu ngokuthi kangibanga nguthisha. Hhayi bawuthwele ujatshi ilanga liku-43º celsius othisha balesi sikhathi. Empeleni ukuba nguthisha these days kuyadinga ukuthi ube nenhliziyo eyisipele njenge-octopus.  Ngempelasonto bengisekhaya KwaDlangezwa, eMpangeni, ngiyokhothwa ngamathongo. Kuthe ngidlula ngakwesinye isikole esiyi-primary izolo, ngabona okungabafanyana kuhlubana ngequpha, zijikijelana impela, kuqhuma nama-spin kick

Kwale noma uthisha wesilisa engenelela elamula, lena enye imambana – ebithe ukuthi zibaba ngebala, sengathi izalwa yimi – yapilingana ngisho eseyixhakathise ngesandla, ubona nje ukuthi inukelwa yigazi. Uyibambile nje uthisha, ubabaza uyaphindelela, uthi: “Wena sekungokwesithathu ushayelwa ukushaya ezinye izingane lapha esikoleni!” 

Ibingenandaba imambana, isho ukudlubulundela iyoqhubeka nempi. Kuke kwathi mangicele lo thisha ahlanganise ozakwabo sithi ukuba nesiguqo, kodwa ngazikhuza ngoba phela ngiyabazi abantu, bese bezothi kusho ukuthi ngithi ingane ilawula nguBhezelbhuli umengameli wamadimoni. Engikuqaphelile kule ngane, wukuthi igcwele intukuthelo eyesabekayo. Phela leya ntukuthelo ukube iwutshwala, ngabe iwu-95% alcohol by volume njengalo gologo wasePoland engiwuzwa ngendaba, okuthiwa yiPolmos Spirytus Rektyfikowany. Kuthe ngisamangele, wathi umuntu kimi: “Mkhekhelezi ndodana, umkhuba usekhaya.” 

Ngivele ngabona nje ukuthi kungenzeka ukuba le ngane kayihlalisekile kahle ekhaya noma ikhula emndenini oneziqhwaga, ezazi ukuthi yonke impikiswayo ixazululwa ngequpha. Ngaphandle-ke uma ingenwe yidlozi lika-Idi Amini. Ingane efuze leya nkomane – eyazibonelwa nguMshefane, uyise kaSomizi Mhlongo waziyela kwelamathongo – isuke iyingozi kwezinye izingane. Kubalulekile ukuthi abazali baziswe ngendlela yokuziphatha kwayo, futhi bangenelele ngendlela eyakhayo, hhayi ukuthi nabo bathele usawoti esilondeni, bayibhambabule ngoswazi. 

Kumele thina bazali silekelelane nothisha ekuqeqesheni izingane zethu ukuze zikwazi ukuzimela kusasa, ngoba vele akudikizi nqulu kulo hulumeni wethu othwele ubhaskidi wemfishimfishi yamalungelo. Izingane zishaya, zigwaze othisha, uqhamuke usuzocwebisa izinyembezi ezi-politically, emuva kwalokho kuthuleke. Yithi bazali okumele sivikele othisha ngoba ngaphandle kwabo, ikusasa lezingane zethu lidlala intshununu eTable Mountain – ngakithi esithi wumabhengwane. 

Ngiyazi bakhona othisha abeyisayo, umuntu axabane nendoda yakhe ekhaya, bese eyokhiphela isibhongo ezinganeni esikoleni, abanye kabazwani nokufundisa. Uzwe umuntu esethi izingane maziye esikoleni ngoMgqibelo nangeSonto, ingani ufuna ukubonakala sengathi ukhuthele. Kodwa kubalulekile ukuthi thina bazali sibe yi-anda ne-elastic nemfundo yabantwana bethu. Hhayi le nto yokuthi uma ubizwa emhlanganweni wabazali noma kuthiwa kunodaba okumele lukhulunywe ngengane yakho esiwumdlwembe onezimendlela, wena uthi unomhlangano obalulekile, usho uyonklunkla isiqatha nabangani bakho oGumede noMkhize. 

Mina nje ukube nganginguthisha, ngabe inhliziyo yami kudala yashaya i-dead stop njengamatesiki ahambela ePhoyithi, eThekwini, uma abashayeli bakhona bebona abagibeli. Ngabe sekwenziwa ngisho nehlambo. Inhliziyo yami yayingeke iyimele le nto engiyibone izolo. Izingane zilwe ngisho sengikhona ngimdala, ngilamula! Uyabona nje ukuthi uma leya ngane ingaba ngudokotela nale ntukuthelo engaka, ingaphenduka uHarold “Dr Death” Shipman owabulala iziguli ezingaphezu kuka-200. Ngifisa sengathi abazali baleya ngane bangayitholela usizo kusemanje, ngoba uma ingalutholanga, kuyochitheka izishebo uma isikhulile.

Hikhensile ngopfu ma-Afrika!

Previous articleImphethe kabi eyokutshalwa kukaShenge ngeSabatha
Next articleKusolwa umbango wezidakamizwa ngokubulawa kwabawu-5