MHLELI: Sibone udwendwe emasontweni edlule, osaziwayo abathile bephumela obala ukuthi bayongena kwezepolitiki.
I-EFF yiyona ebonakale ikhonzwe kakhulu ngabathi noma becabanga ukuya kwipolitiki, bancamele lona.
Kodwa nakuba kunjalo, miningi imibuzo osala uzibuza yona. Ngabe laba bantu babona ithuba elihle abangalisebenzisa uma bengena kwi-EFF noma bangosomathuba?
Kufanele sikhumbule, ipolitiki akuyona eyakho nomndeni wakho. Kimina ngibona kuwubizo lokuyosiza abantu, ukwakha nokubuyisa esaphucwa khona. Kangazi noma lolu fuduko esilubonile lwenzeka, lusafeza zona izidingo zobizo nokuyokwenza umehluko kulelo qembu.
Sithole izindaba zokuthi owayengumvikeli womphakathi, u-Adv Busisiwe Mkhwebane – okhishwe kabuhlungu esikhundleni, nakhona ngazo ezepolitiki – usejoyina i-EFF.
Sithe sisathuswe yilokho, nangu owayengumsakazi woKhozi FM, uLinda Sibiya sekumenyezelwa into efanayo. Lokhu-ke kakuqali, sengike ngakubona phambilini lapho umuntu exoshwa emsebenzini, uyothi uzwa, usevula iqembu lezepolitiki. Umbuzo esisala nawo ngothi kukhona konke lokhu, ngabe ukuba ngusopolitiki kuwukwenza imali nokulangazelela isikhundla noma kuwukuyosebenzela abantu. Nabakhishwa emaqenjini ezepolitiki bagijima bayovula awabo.
Nakuba kwenzeka lokhu, kimina ngisakubone kuphumelela kuphela kuMnu Julius Malema, owaphuma kwi-ANC waqala i-EFF, namhlanje eyiqembu lesibili ngobukhulu kwaphikisayo.
Abanye abenza okufanayo ngisabona besesizibeni. Angikuboni kuyinto kanoma ngubani.
Nansi iCope, ikwenzile kodwa sibona ukumfimfa kuyona. UMnu Ace Magashule – owayengunobhoala-jikelele we-ANC – usanda kumemezela elakhe iqembu, nakhona sisalindele ukubona imiphumela yalo. Amaqembu amaningi aqembuka kwi-ANC, kodwa ukuzizabalazela ame athi phuhle, ngikubona kusenzima.
UMnu Jacob Zuma owayengumengameli kuleli, ngiyohlale ngimhlonipha njalo ngesenzo sakhe sokuthi noma i-ANC seyizigudluza kuyena, kodwa wama, wathi kunomehluko phakathi kwami njengomuntu nenhlangano.
Lokhu ukuveze ngokusobala ekhuluma eNdwedwe, enxenxa abantu ukuba bavotele i-ANC. Lokhu kutshengisa ukuvuthwa komqondo nokwehlukanisa phakathi kwentshisekelo yakho neyabantu basezweni.
UMsholozi ngomunye wabantu okufanele ngabe sebahlonishwa kudala ngeziqu zobudokotela, kodwa ngoba amanyuvesi aphethwe ngabancele okwaseNtshonalanga – kawaqondi umehluko phakathi kwesifundiswa sasentabeni nesikhiqizwe yimfundo yabo – ngeke kwenzeke. Kuwumcabango wami ukuthi wonke amaqembu ezepolitiki umsebenzi wawo omkhulu wukuletha izinguquko ezweni nakubantu balo. Siyambona umfo kaMalema akesabi lutho, uzikhulumela ucasuke uma ucasuka, kodwa asuke ekushilo kusuke kungephikwe ngisho nayingane encane.
Bhedlindaba “VVO” Ka Lu Phuzi Mkhize
Uhlanya lwaseMlambomunye.
UMFUNDI uphawula ngojoyinwa kwe-EFF ngosaziwayo okubalw akubo u-Adv Busisiwe Mkhwebane noLinda Sibiya kanti uncoma umengameli waleli qembu, uMnu Julius Malema.