Obaliwa ushise umuzi wentombi nezingane (2)

307

Umsolwa ubesenzelwe incwadi yesivimbelo yenkantolo ngenxa yesandla esilula

NGU-AMKELA (14) noSandisa Zenda (6) ababulawe bashiswa nendlu.

SKHOSIPHI MTHEMBU
USAGCWELE amathafa owesilisa wase Quinabout, eGamalakhe, ngasePort Shepstone osolwa ngokubulala izingane zesinqandamathe sakhe maqede wazishisa nendlu ngoba engafuni ukuphuma endlini.Kubikwa ukuthi umsolwa ILANGA elinalo igama lakhe, ubulale izingane zesinqanandamathe sakhe uNkz Zamisile Zenda (34), okungo Amkela Zenda (14) noSandisa Zenda (6) emuva kokuba simenzele incwadi yesivimbelo sasenkantolo ngoba engafuni ukuphuma endlini abebehlala kuyo bobabili nezingane angazizali.
Kuthiwa laba bebehlala ngokuxabana, umsolwa ubenesandla esilula, ehlukumeza uNkz Zenda.


Ekhuluma neLANGA uNkz Zenda, uveze ukuthi umsolwa ubemhlukumeza elala naye ngenkani. Uthi usakude ukukhohlwa ngento ayibonile efika izingane zakhe zisha nendlu sezivele zithule. “Bese sinesikhathi eside sihlala naye endlini. Ngakhetha ukuhlala naye ngoba ubengisiza ngokungigadela izingane. Inkinga iqale ngesikhathi ngimbamba ukuthi uyajola endaweni. “Ube eseshintsha esengihlukumeza ngokungishaya njalo. Ubenesikhwele; ngeledlule bekuwusuku lwami lokuzalwa, ungishayile ecasulwa wukuthi ngizophuma nabangani bami ngiyobungaza usuku lwami.


“Njalo uma engiphoqile ukuba siye ocansini, ubexolisa uma eseqedile. Ngimtshele ukuthi kungcono makahambe endlini yami ngoba uyangihlukumeza ayofuna indawo yakhe, wanqaba ukuhamba. “Ngibone kungcono ukuba ngimfunele incwadi yesivimbelo sasenkantolo. NgoLwesithathu unikezwe incwadi kodwa waqhubeka nokungisabisa, eshayela abasekhaya ucingo ethi le nto ngeke iphele kahle. “Ubengisabisa nami ethi uzongibulala. NgoLwesine okuyilanga abulale ngalo izingane zami, bengiye emaphoyiseni ngiyowatshela ukuthi uyangisongela.


“Ngithe ngisendleleni ebuyela ekhaya ngiphelezelwa amaphoyisa, wangishayela ucingo, engitshela ukuthi usezibulele izingane zami wazishisa nendlu. Ungitshele ukuthi endala uqale wayibulala, encane uyishise nendlu iphila. “Ngiphuthume ekhaya, ngafica umuzi wami usha, okuthe uma ngibheka ngaphakathi, ngazifica izingane zami zishile. Omdala ubephakamise isandla kubonakala ukuthi ubelwa. Bezisemagumbini ahlukene ngesikhathi ezishisa,” kusho yena. Uthi uyesaba ngoba umsolwa usamthumelela imiyalezo emtshela ukuthi uzozibulala kodwa ngeke akwenze lokho engakamtholi yena.


“Ungithumelele umyalezo wathi ufuna ukubulala mina kuqala ngaphambi kokuthi azibulale. Ngosuku abulale ngalo izingane, ubehlose ukuthi angibulale nami kwasho khona ukuthi wafika ngingekho ngisaye emaphoyiseni. “Empeleni wayezosishisa nomuzi sonke nezingane. Angazi ngiyokwenzenjani uma sekufihlwa izingane zami. Ngifisa kube khona okungangenza ngibe matasa ukuze ngingeke ngiwabone amabhokisi ezingane zami,” kusho uNkz Zenda. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Col Nqobile Gwala, usiqinisekisile lesi sigameko, wathi kuvulwe amacala amabili okubulala nelokuthungela impahla ngomlilo. Umsolwa ubengakaboshwa.
skhom@ilanganews.co.za

Previous articleISilo noNdlunkulu bashiye umcimbi wabo ‘isigubhukane
Next articleIBUYISE ITHEMBA EYESIMEMEZELO SOKUSETSHENZISWA KWAMAPAYIPI ATHENGWA NGO-2012