Obethandana noMbongeni Ngema usephumele obala

191

LUCKY CAIN

USEPHUMELE obala owesifazane ngobudlelwane abenabo nenkakha yezeshashalazi uMbongeni Ngema kulandela ukusabalala kwencwadi ayibhalele uNdunankulu waKwaZulu Natal uNkk Nomusa Dube Ncube.

Kule ncwadi ILANGA elinayo uNks Yolanda Wanda Moncho uveza ukuthi yinkampani yakhe I-Diamonds Edge ebiphethe izindaba zemisebenzi kaNgema kusukela ngoNhlaba ka 2019 kwaze kwaba uyadlula emhlabeni ngesonto eledlule ngemuva kwengozi yemoto.

Kule ncwadi uWanda uveza nokuthi ngaphandle kokuba umphathi kaNgema ngokomsebenzi kodwa ubengunkosikazi wakhe ngokwesintu njengoba athumela abakhongi kubo eDiepkloof,eSoweto ngoNcwaba ka 2021.

Uphinde uveza nokuthi kuyimanje unezinyanga ezintathu ezithwele. UWanda kule ncwadi unxusa undunankulu ukuba ahlele umhlangano azoba yingxenye yawo nomndeni wakwaNgema njengoba ezimisele ukuba yingxenye yamalungiselelo okufihlwa kwale nkakha.

Uqhuba ngokuthi kule minyaka enobudlelwano noNgema kuningi amuvelele isifuba ngakho okuthinta nangendlela abezimisele ukungcwatshwa ngayo. Le ncwadi uyiphetha ngokusabisa ngokubabela enkantolo uma isicelo sakhe singamukeleki.

ILANGA lixhumanile noWanda ukuqinisekisa ukuthi nebala nguyena oshicilele le ncwadi. Ukuqinisekisile ukuthi ngeyakhe kodwa wangafuna ukwanda ngokuningi njengoba ecele ukungaphawuli ngokuthi useyitholile impendulo kundunankulu noma cha.

Uphinde wacela ukungaphawuli nangokuthi uzoba yingxenye yenkonzo yomngcwabo ezoba se-Nkosi Albert Luthuli International Convention Centre ngoLwesihlanu. Utshele intatheli ukuthi uma esekulungele ukuphawula uzokwenzenjalo. Imizamo yokuthola okhulumela uhulumeni waKwaZulu Natal,uMnu Bongi Gwala iphunzile njengoba ucingo lwakhe belukhala lingabanjwa.

UMbongeni Ngema ongasekho emhlabeni.
Previous articleI-SANDF iyazihlangula “kolwelungu layo” elifuna ukuketula uRamaphosa
Next articleUkhala ngokuvalelwa ngaphandle umndeni kaMbongeni Ngema