Ochithwe yiDowns ufongqe isigqoko wacela umsebenzi kwiGallants

649

SENZO SOKHELA

UZICELELE umsebenzi kwiMarumo Gallants uThabiso Kutumela wodumo kwi-Orlando Pirates,  osanda kukhonjwa indlela yiMamelodi Sundowns. UKutumela (osesithombeni) – odlala esiswini – uxoshwa nje, ngesizini edlule ubebolekiswe kwiCape Town City, kodwa wangayenzela lutho olutheni.

ILANGA Lempelasonto lihoshe ngemithombo yalo ukuthi uKutumela uzicelele umsebenzi ku-Abram Sello, ongusihlalo weGallants. Sekuwumlando ukuthi iGallants – ebeyidlala kwiMotsepe Foundation Championship – ithenge ilungelo leMoroka Swallows lokudlala kwiDStv Premiership. Kulindeleke ukuba ifudukele eBloemfontein, eFree State. “Njengamanje kuyikho ikilabhu efuna uKutumela. AmaZulu ake akhombisa intshisekelo, kodwa abuye ahoxa. Engikutholile wukuthi uzishayele yena ucingo wacela umsebenzi kuSello. Amtshele khona, wukuthi okwamanje kakukho angakwenza njengoba izinto zisemapeketwane. Kuthiwa iMarumo njengamanje inabadlali abangaphezulu kuka-50, kuhlanganiswa abebevele bedlala kuyona nabebekwiSwallows.

“Mancane kakhulu amathuba okuthi uKutumela athathwe kwazise kunabadlali abazochithwa, okuzofanele bakhokhelwe ngokunqanyulwa kwezinkontileka zabo,” kusho umthombo oncikene nale kilabhu.

Imizamo yokuthola uSello noKutumela iphunzile njengoba izingcingo zabo bezikhala kodwa zingabanjwa.

Previous articleKuboshwe usomabhizinisi obanjwe nemfuyo yokwebiwa
Next articleUngqongqoshe uveza “eyezinhlebi” esezimdonse ngendlebe mayelana namazambane abolile