Uthi wayedinwe yisikweletu sika-R400 ‘eyayimkweleta sona’
ukwaliwa.
SKHOSIPHI MTHEMBU
UVUME amacala okubulala izingane zesinqandamathe qede wagigxabezwa ngodilikajele ababili neminyaka ewu 8 ebhadla ejele.
USiyanda Khumalo (36), wase Gamalakhe, ePort Shepstone, uvume macala okubulala, watshela inkantolo ukuthi wakwenza lokho ngoba edinwa wukuthi intombi yakhe kayifuni ukumkhokhela uR400 emkweleta wona njengoba wayeyigadela izingane zayo lezi agcina ezibulele.UKhumalo wabulala izingane zikaNkz Vumisile Zenda okungo Amkela (14) noSandiso Zenza (6) maqede wazithungela ngomlilo emzini kanina wazo ekupheleni kwenyanga eyedlule Mbasa (March).
Isitatimende esithunyelwe ngokhulumela uphiko lwezokuShushisa KwaZulu-Natal, uNatasha Ramkisson-Kara, siveze ukuthi uKhumalo, ngesikhathi evuma icala, uthi wacasulwa wukuthi uNkz Zenda umenzele incwadi yesivimbelo senkantolo kanye nokuthi wayengamkhokheli imali ewu- R400 yokumgadela izingane zakhe. UKhumalo utshele inkantolo ukuthi wayedinga le mali ngoba efuna ukukhokhela izindleko zesibhedlela zenye intombi yakhe ekhulelwe ingane yakhe. Ngenxa yalokhu, uKhumalo wabe esethatha isinqumo sokuba amzwise ubuhlungu angasoze abukhohlwa uNkz Zenda.
Uveze ukuthi waya endlini kaNkz Zenda, ngenhloso yokuziphindiselela kodwa wafica izingane zakhe zihleli zodwa, engekho yena. Uthi wasebenzise ucelemba ukubulala u-Amkela, wamgenca ngawo esiphundu. Uphinde waveza ukuthu USandiso, wayelele ngesikhathi enza lokhu, wamthungela ngomlilo ezumekile elele kanye nendlu kanina. ILANGA langomhla ka-4 kuMbasa (April) labika kabanzi ngalolu daba, nalapho kwavezwa ukuthi uKhumalo ugila lo mkhuba nje, yingoba uNkz Zenda ubemtholele incwadi yesivimbelo senkantolo emuva kokuba ebengafuni ukuphuma endlini kaNkz Zenda, yizecucu belungasahlangani.
Kulolu daba uNkz Zenda watshela ILANGA ukuthi uKhumalo ubehlala ngokumhlukumeza, emshaya kusukela embambile (uKhumalo) ukuthi unentombi endaweni. Uveze ukuthi ubenesikhwele, emshaya engafuni aphume nabangani, wagcina emtshela ukuthi makaphume ayofuna indawo yakhe kodwa uKhumalo wenqaba. UNkz Zenda waveze nokuthi uKhumalo wayemphoqa ukuba alale naye ngenkani. Kubikwe ukuthi ngosuku lwesigameko uNkz Zenda, wayesaye emaphoyiseni, eyobika ngokuqhubeka kuka Khumalo nokumsabisa, yize ayenencwadi yesivimbelo kanti uzothola ithuba lokubulala izingane zakhe zombili.
Kuthiwa esezibulele izingane, uKhumalo wabe eseshayela uNkz Zenda, emazisa ngakwenzile maqede wamsongela mngokuthi uzoqala ngokubulala yena ngaphambi kokuba naye azibulale. ILANGA liphinde labika ziwu- 7 kuMbasa emuva kokuba zimkhalele uKhumalo. Kulolu daba kubikwe ukuthi uKhumalo ushayele izihlobo zakhe ucingo, ecela ukuba zimlethele ukudla lapho ayecashe khona, ekhala ngenkemane. Kubikwe ukuthi umsolwa utshele elinye ilungu lomndeni ukuthi ubhace kuphi, walicela ukuba limlethele ukudla. Kuvele ukuthi ilungu lomndeni libe selithinta amaphoyisa acutha emotweni. Kubikwe ukuthi ngesikhathi uKhumalo eyothatha ukudla emotweni yesihlobo, wabe eseshaqwa ngamaphoyisa.