Okamaskandi emculweni we-piano

221

UShwi uthi akafuni ukuhluleka ukusabalalisa ikhono lakhe nakweminye imikhakha emculweni

MTHOBISI SITHOLE

AKAFUNI ukuhluleka ukusabalalisa ikhono lakhe elihlukile kweminye imikhakha yomculo, umculi kamasikandiuMandla “Shwi” Xaba, oqophe ingoma enezingoma eziningi zama-Piano nomunye woDJ abahlonishwayo kuleli, uThemba Sekowe, owaziwa ngelikaDJ Maphorisa. UShwi uthi uthando lokwehluka kumasikandi, lufike kuyena ngesikhathi kusaphila uLucky Dube, akhuthazeke ngaye kwelokuthi naye azithuthukise kolunye uhlobo lomculo. Utshele leli phephandaba ukuthi kuyigugu kuyena ukusebenzisana nalo DJ, ngoba kusabalalisa ikhono lakhe kwenye imakethe yomculo. Uveze ukuthi usazimisele ukusebenzisana nabaculi abaningi, abangaculi umasikandi. “UMaphorisa wafika kimina wathi masibambisane ngoba uqopha ingoma ehamba ngoshuni wethu ngale ngoma ethi, “Ngafa”, wathi ufuna leli phimbo.

Sisebenze kahle futhi abantu bayayithanda le ngoma,” kusho uShwi. Uthi ukwazana kwakhe noMaphorisa kusuka kude, nakuba bebengasondelene. Uthi nokupikwa kwakhe ezingomeni zikaMlindo, kwakungenxa kaMaphorisa ngoba wayephrojusa leli ciko ngaleso sikhathi. Uthi nakuba esesebenzile nabaculi abahlukene, abangekho emkhakheni kamasikandi, kodwa usafuna ukwenza okukhulu ekufakeni umasikandi emikhakheni ehlukile. “Kusobala ukuthi uMaphorisa ukholelwe kakhulu emsebenzini wami, ngoba ukuhlanganiswa kwale ngoma, wumqondo wakhe,” esho.

Uthi yena akafuni ukuhluleka ukungena kweminye imikhakha yomculo. Uveze ukuthi ukubamba iqhaza kweminye imiculo, kuthuthukisa ukwaziwa kweciko nokusabalalisa abalandeli emikhakheni ehlukene. “Uma ucula umasikandi, uzokwaziwa kumasikandi kuphela, kodwa uma ungena nakwezinye izindawo, kwenza ukuba waziwe nakubantu abangekho kumasikandi. Mina-ke nginomhawu wokufuna ukwazi yonke into,” kusho uShwi. Uthe le ngoma yabo izophuma maduzane. Bekufanele iphume ngoLwesihlanu olwedlule kwase kuphazamisa uhambo lokuya phesheya kwezilwandle lukaMaphorisa. UShwi usebenzile nabanye abaculi okubalwa kubona uCassper Nyovest, uBig Zulu nabanye. Uzakhele kakhulu udumo ngonyaka ka-2004 bekhipha i albhamu esihloko sithi, “Wangisiza Baba” eyaduma ngengoma ethi, “Ngafa” njengoba bedayise amakhophi angaphezulu kuka-750 000. mthobisis@ilanganews.co.za-www.ilanganews.co.za

Previous articleUgabe ngesipiliyoni sase-Europe uTau
Next articleUsomatekisi usezakhele ugazi ngemicimbi yendishi