MTHOBISI SITHOLE
UKHALELE iqiniso umculi kamaskandi emuva kokuba iqembu lakhe lishiye abantu bemangele kwiMpucuzeko Maskandi Festival, eThekwini ngempelasonto edlule, ngesikhathi lingena esiteji liphethe indishi yokugeza, lilingisa owesifazane uma egeza isitho sakhe sangasese.
Iqembu Abafana bakaMgqumeni (oJezekhulu), ligxekwe yingxenye yabesifazane ezinkundleni zokuxhumana, ilisola ngokwehlisa isithunzi salo ngalesi senzo ngesikhathi lishaya ingoma yalo ethi “Ngiyakuntshontshela”. Izinhlamvu zayo zithi uyedwa umniniyo, yilona oyigezayo. Kule ngoma – ekwi-albhamu entsha ethi, “Love Bite”, ephume ngoLwesihlanu – kupikwe uMenzi Mabizela.
Umholi waleli qembu, uNelisani Mseleku, uthe akukho okubi abebekuqondile ngaphandle kokwedlulisa umyalezo wengoma. “Akusikhona konke okwenzayo emhlabeni okubukeka kahle kubona bonke abantu. Bengiphoqwa yisimo somyalezo wengoma ukuthi ngenze lokhu ebengikwenza,” kusho uNelisani.
Utshele leli phephandaba ukuthi ubefuna abalandeli bakamaskandi bayibone kahle le nto akhuluma ngayo engomeni. Uthe uyabahlonipha kakhulu abantu ngoba uculela bona. “Kayikho inhloso okuphoxa abesifazane ngoba yibona abaweseka kakhulu umculo wethu, kodwa-ke kuleli lizwe kuyenzeka uthi ukhuluma iqiniso, bese ufana nomuntu obhedile,” esho.
mthobisis@ilanganews.co.za