MTHOBISI SITHOLE
UWUDLULISE ngokwehlukile umyalezo woku-xwayisa abantu ngobhubhane lukasomqhele (coronavirus) umculi kamasikandi, uPhu-mlani “Mfezemnyama” Khumalo, waseMadwaleni, eNquthu.
Lo mculi udedele ingoma ye-hip hop esikhundleni somculo kamasikandi aziwa ngawo.
UMfezi uthi ubone kuyicebo elihle ukwenza okwehlukile ngoba kunezihlabani zikamasikandi ebese-ziyiqophile le ngoma ngokomculo kamasikandi okubalwa kuzona u-Ali Mgube, uKhuzani Mpungose, Abafana baka-Mgqumeni, Mzovukile “Jaivazimnike” Khanyeza noNgiga Ndlovu.
Nalezi zilomo zidonsa umphakathi ngendlebe kwelokuthi mawuhlale emakhaya, kulandelwe umthetho kaMengameli Cyril Ramaphosa othathe isinqumo sokumisa nse ukusebenza kuleli kuze kushaye umhla ka-16 kuMbasa (April) nge-mizamo yokuthi abantu baqhelelane ukuze lingasabalali leli gciwa-ne elidlangile.
Utshele ILANGA ukuthi lesi yisikhathi sokuthi aveze ikhono lakhe elisha emculweni.
“Ngingumsinsi wokuzimilela kumasikandi futhi kangisoze ngawuyeka, kodwa ukucula i-hip hop kuzongikhulisa kakhulu ngoba kuzongakhela ubudlelwano (nabanye abaculi) kuphinde kungizuzele abanye abalandeli balolu hlobo lomculo.
“Ukuzibona kwami ukuthi ngi-ngayenza le nto, kugqame ngesikhathi ngipikwe nguSjava engomeni yakhe ethi ‘Isibhaka-bhaka’ kanti noBig Zulu sike sasebenzisana naye.
“Ngakhoke abalandeli bami nabo bebelokhu benalo uthando lokuba ngikwenze lokhu sengizimele,” kusho iMfezi.
Le ngoma yeMfezi isisabalele ezinhlakeni okutholakala kuzona umculo. Ikhuthaza abantu ukufunda ukubekezela, balalele umthetho kahulumeni, iphinde ibuze ukuthi beziyini izinsuku eziwu-21 zokuhlala ekhaya kunokudaza inkani ekubeni kuzofa isizwe.
UMfezi uthi ngenxa yokuthi baningi abantu abamesekayo ekutheni akhiphe i-albhamu egcwele yalolu hlobo lo mculo (hip hop) emuva kokuzwa lena ekhuluma ngosomqhele, usehlela ukuba ayenze kuwona lo nyaka.
mthobisis@ilanganews.co.za