Okamaskandi usola umphakathi wangakubo ngokumzonda

1792

MTHOBISI SITHOLE

UKHALA ngenzondo yomphakathi wangakubo, uBonokwakhe “Mtebhosha” Buthelezi (38) (osesithombeni) waseSangoyane, oNdini, osengene emculweni kamaskandi, uwusola ngokumzondela udumo lwakhe. 

UMtebhosha ukhiphe ingoma eyodwa ngoLwesihlanu, ethi “Inkomo”. Kule ngoma uthi ziyaqaqamba izinhliziyo ezakhamizini zangakubo, zilwa nokuvelela kwakhe. Uthi ubudlelwano bakhe buhle nomphakathi wasesigodini saseWela, oNdini – lapho wazalelwa khona, lapho esifudukele khona, eSangoyana, abantu bakhona kabamfuni nalapho ehambe khona.

Utshele ILANGA Lempelasonto ukuthi  ukhuthazwe yizinsizwa aphila nazo ukungena emculweni.

“Izinsizwa zithe mangishaye ingoma ngoba sengidumile futhi abantu bayangithanda ezweni. Lokhu-ke ngikwenze ngoba ngifuna ukuzwa amanzi ngobhoko. Ingoma yami isilalelwe ngabantu abaningi ku-Youtube,” kusho uMtebhosha.

Ungoma yakhe itholakala online okwamanje. Uthe ngonyaka ozayo uzokhipha i-albhamu enezingoma ezingaphezulu kweshumi. Uveze ukuthi leli gama likaMtebosha, livukuzwe nguNgizwe Mchunu, ahlangane naye ehostela eVosloorus, eGoli emncintiswaneni wokugiya. Bekubangwa isiteki sika-R17 000, wakhala wemuka naso.

mthobisis@ilanganews.co.za

Previous articleOwodumo kwiChiefs ucela ithuba kwawePSL
Next articleLuqalile olwama-number plate amasha KwaZulu-Natal