JOHN HLONGWA
ANGASE athathelwe izinyathelo zomthetho umculi kamasikandi – ongumhleli wemicimbi – uNgelo “Ngelo V” Vilane (osesithombeni), osolwa ngokubalekela ukukhokhela izindlu zangasese ayeziqashe enze umcimbi kamasikandi, iKhuphuka Nezakho owawusenkundleni yezemidlalo iCurries Fountain, eThekwini.
Bese kungokwesithathu lo mcimbi wenziwa nonyaka njengoba uba khona minyaka yonke. Usomabhizinisi, uMnu Mxolisi Dlamini wenkampani iMsaly Toilet – eqashisa ngezindlu zangasese – utshele ILANGA ukuthi usekhathele wukufunana nemali yakhe kulo mculi.
“Wafika kimina wangithembisa izulu nomhlaba, ethi mangimqashisele ngezindlu zangasese eziwu-15 zika-R35 000. Wathi uzonginika imali yami uma sekukhokhe abaxhasi bakhe. Ugcine ngokukhokha u-R17 500, ngemuva kwalokho wa-kha phansi. Akasazibambi izingcingo zami, uyangiziba, sengicabanga ukumthathela izinyathelo zomthetho. Kubuhlungu ngoba ngingusomabhizinisi omnyama, ngiyazizamela bese kuqhamuka umuntu angixhaphaze kanje. Ngesikhathi ethi uzokhokha uma se-kukhokhe abaxhasi ngayethemba leyo nkulumo, ngazibuza ukuthi pho kungani kumele ngingamsizi kanti udlala ngami.
“Isenzo sakhe sesingidine kakhulu, kudala engibambisa isisila sehobhe, ethi uzokhokha ngesikhathi esithile, uma sesifikile angizibe. Kakusekho ukujikela emuva kwendlu, ngizomthathela izinyathelo zomthetho,” kuphetha uDlamini.
Ezinyangeni ezimbili ezedlule, uNgelo V watshela ILANGA ukuthi ubengazi ukuthi kunemali ekweletwa lo somabhizinisi, wathembisa ukululungisa ngokushesha lolu daba ngokuyikhokha le mali, okwenza lolu daba lwesikweletu salugodla.
Nokho imizamo yokuthola ukuphawula kwakhe njengoba selubuya isibili, iphunzile. Leli phephandaba liqale ukumfonela ngoLwesihlanu lomhla ka-22 kule nyanga, lamthumelela nemiyalezo enkundleni yezokuxhumana, iWhatsApp, kodwa akaze wabuyela kulona kwaze kwashaya isikhathi sokuloba.
hlongwaj@ila-nganews.co.za