PHILANI MGWABA
KAKULONA ihaba ukusho ukuthi iningi labantu elikwazisayo futhi elizigqajayo ngokuthi lingamaZulu, ukudlula emhlabeni koMntwana waKwaPhindangene, iNkosi Mangosuthu Buthelezi, (uManukelana) kuphetha isigaba esibalulekile emlandweni walesi sizwe esabunjwa yiLembe eleqa amanye ngokukhalipha.
Empeleni ikusasa nobunye balesi sizwe kalikhanyi njengoba izinsika zaso zeminyaka, iNkosi yakwaButhelezi neSilo uZwelithini kaBhekuzulu (uMdlokombana), sebesishiyile ngesikhathi esifushane.
Ngubani osadla anhlamvana, okwazi ukukhuluma alalelwe futhi ahlonishwe ngabantu, owazi umlando nendlela yokuphila yalesi sizwe?
Impela uwile umuthi omkhulu kwelikaMthaniya!
Sekube nemibono eminingi yabantu abahlukene, bephawula ngokudlula emhlabeni kukaNdunankulu kaZulu, obebuye abe yinkosi yesizwe sakwaButhelezi.
Noma kukhona abanye abebemzonda, okuyinto esihlale obala ngemibhalo yabo ezinkundleni zokuxhumana, iqiniso wukuthi uMntwana ubethandwa yizigidi zabantu, ikakhulukazi abangamaZulu, ngenxa yemisebenzi yakhe ebabazekayo ebeyenza umehlulo omuhle ezimpilweni zoquqaba.
Okusobala wukuthi iningi lemilomo evunanayo ngenzondo enayo ngeNkosi ya-kwaButhelezi, ngabantu abazifelayo ngeqembu elibusayo, abanye babo ababengamalungu alo besengabafundi ezikoleni zamabanga aphansi, beyingxenye yezinhlangano eziyingxenye yombimbi lukaKhongolose, oyizimbangi zeqembu elasungulwa nguMntwana, Inkatha Freedom Party.
Ngakolunye uhlangothi, kukhona ababona ubuholi obubabazekayo boMntwana, abakhumbula imisebenzi yakhe esengundunankulu wesabelo saKwaZulu, ngesikhathi sikahulumeni wobandlululo.
Bakhumbula amakhulu ezikole ezakhiwa wuhulumeni wakhe kwelikaMthaniya. Bakhumbula amakolishi okufundela ubu-thishela nawobuhlengikazi. Bakhumbula ukusungulwa kwenkampani yokuthuthukisa abantu abampisholo kwezomnotho, iThala, esekhona nanamhlanje.
Bakhumbula ukwakhiwa kwesizinda sezimboni, KwaSithebe, eMandeni, esakhiwa ngaphansi kobuholi bakhe, kwaqashwa izinkulungwane zabantu bakithi, bakwazi ukondla imindeni yabo.
Bakhumbula ukukhuthalela kwakhe imfundo yezingane ezimpisholo, umphumela wakho owaba wukusungulwa kweMangosuthu Technikon, eseyaziwa ngeMangosuthu University of Technology. Lesi sikhungo wasisungula ngokucela usizo
emndenini wezinjinga zakwa-Oppenheimer, ezanikela ngenkence yazo ukuba sakhiwe. Zonke lezi zakhiwo nezinkampani ezasu-ngulwa ngaphansi kobuholi bo-Mntwana waKwaphindangene, zisekhona namanje.
Bangaki abaholi abakhona kusukela kwabunjwa uhulumeni wentando yeningi ngo-1994, abangabala izinto asebezenzile ukusebenzela isizwe? Umuntu oziqhenya-yo ngemvelaphi yakhe, hhayi nje ongumZulu kuphela, ngeke angalitusi iqhaza elimangalisayo elabanjwa nguMntwana waKwaPhindangene, ekusimamiseni ubu-khosi namasiko.
Iqiniso elingephikwe wukuthi ubukhosi baKwaZulu buhlonishwa kangaka nje kuleli, yizithukuthuku zoMntwana.
ISilo esesakhothama saze sabekwa nje esihlalweni saso, saba yiNgonyama, kwaba yingenxa yokushabasheka kukaShenge. Ngesikhathi sibekwa esihlalweni ngo-1971, iSilo sabe sibizwa ngele-pa-ramount chief, amakhosi ezizwe wona ebizwa ngo-chief.
Wakushintsha konke lokho okaMathole, iNgonyama namakhosi bathola ukuhlonipheka okubafanele. Ukushabashekela kwakhe ubukhosi nempumelelo yakhe kulokhu, kwaba nomthelela nakwezinye izifundazwe njengoba namakhosi akwezinye izindawo nawo athola ukuhlonipheka ngenxa yemisebenzi yakhe.
NeSilo esisesihlalweni, uMisuzulu kaZwelithini, besesekwe yiyo iMbabazane, saze sathola isitifiketi saso sokuba yiNgonyama ngokusemthethweni kuMengameli wezwe, uMnu Cyril Ramaphosa, emuva kombango wesihlalo, sibangiswa ngabakwaso.
Elinye igalelo loMntwana elingeze lalibaleka, wukulwela kwakhe ukuba kube nohulumeni bezifundazwe, ngesikhathi sezingxoxo zamaqembu ngeminyaka yama-90s, zokubumba umthethosisekelo omusha ngesikhathi sezingxoxo ezalandelwa wukuqala kukahulumeni wentando yeningi.
Kuzokhumbuleka ukuthi uShenge waphikelela kulokhu, naphezu kokuphikiswa yiqembu elibusayo, elalifuna ukuba uhulumeni kazwelonke ozinze ePitoli, kube yiwona olawula yonke into eye-nzeka ezweni, kuphele ngezifundazwe.
OkaMathole uzokhumbuleka kakhulu ngokuba yindoda ebilimela iqiniso, noma iningi livunana ngombhedo ozofaka isizwe nezwe eweni.
Kulesi sikhathi lapho kungaseyona imfashini ukuba yindoda eqotho elimelayo iqiniso nento okholelwa kuyona, uSowalisa uzokhumbuleka kakhulu, futhi amagalelo akhe ngeke acishwa yilabo abamnyundelayo nabamzondayo.
Ngobuholi bakhe be-IFP, ayisungula ngo-1975, uShenge ube ne-galelo ukusimamisa inqubo yentando yeningi kuleli, ngokukholelwa ekubeni khona kwamaqembu ahlukene aphikisayo, ukuze iqembu elibusayo, noma ngabe yiliphi, lingazenzeli umathanda ngenkece yethu.
Sesiphetha, abanye abantu abampisholo bayamangaza ngokukwazi ukuxolela ezinye izizwe ezasihlukumeza kanzima amakhulu eminyaka, zaze zasenza izigqila zazo ezweni lokhokho bethu.
Kulaba bantu, kulula ukuxolela abelungu ababesigqilaza, kodwa kabakwazi ukwenza okufanayo kumuntu wakubo, ofana nabo. Odokotela bengqondo bangakubiza lokhu ngokukhubazeka kwengqondo kwabanye bethu, abazonda ibala elimnyama, futhi abazizonda bona uqobo.
Laba bantu kabakwazi ukuthambisa izinhliziyo zabo, bahloniphe umndeni wakwaButhelezi kulesi sikhathi sokuguqa kukababa wekhaya.
Ubukhosi baKwaZulu nesiZwe samaZulu bulahlekelwe kakhulu ngokuhamba koMntwana, futhi iqiniso wukuthi akekho omunye oyoke abulwele njengaye.
Ukuhamba kwakhe kusho ukuphela kwesigaba esithile emlandweni walesi sizwe, futhi ngokubona kwami, akekho omunye oyoke akwazi ukumela uZulu no-bukhosi njengeMbabazane emahaqa.
Isizwe sife olwembiza, umphumela wokudlula emhlabeni komzukulwane kaMnyamana kaNgqengelele neSilo sasoNdini, uJininindi oMnyama, uzobonakala.
Usebenzile uMntwana kwaze kwaba yizinsuku zokugcina.
Phumula Shenge!! Sowalisa!! Uwenzile umsebenzi wakho.
~ UMHLELI WELANGA